Lezi zinto eziyisithupha uJehova azizondayo: yebo, eziyisikhombisa ziyisinengiso kuye.
Amehlo aziqhenyayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala;
Inhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini;
Ufakazi wamanga ophafuza amanga, lohlanyela ukuxabana phakathi kwabazalwane.