Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, sibe nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini; nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina; enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo, ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu; enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.
Funda 1 kaPetru 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kaPetru 1:3-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo