Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibithe besendlini kaFaro. Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli. Niwukhahlelelani umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, udumise amadodana akho phezu kwami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle kunayo yonke yakwa-Israyeli, abantu bami, na?’
Funda 1 uSamuweli 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 uSamuweli 2:27-29
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo