2 kwabaseKorinte 12:9-10

2 kwabaseKorinte 12:9-10 ZUL59

Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami. Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.