Ayesebuthana lawo madoda enkosini, athi enkosini: “Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa isiyalezo nesimiso esimiswa yinkosi.” Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.” Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu, inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yizikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli. Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.
Funda UDaniyeli 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UDaniyeli 6:15-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo