ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi; uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni, nibe namandla okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, nobude, nokuphakama, nokujula, nokulwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke, ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu. Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.
Funda Kwabase-Efesu 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase-Efesu 3:16-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo