UGenesise 28:20-22

UGenesise 28:20-22 ZUL59

UJakobe wenza isithembiso, wathi: “Uma uNkulunkulu eyakuba nami, angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo, angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha, ukuze ngibuyele endlini kababa ngokuthula, khona uJehova uyakuba nguNkulunkulu wami, naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.”