Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane, abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni. Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama. Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu. Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.
Funda KumaHeberu 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHeberu 2:14-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo