U-Isaya 14

14
1 Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe,
abuye amkhethe u-Israyeli,
ababeke ezweni lakubo;
nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo,
banamathele endlini kaJakobe.
2 Abantu bayakubathatha,
babayise ezindaweni zabo;
indlu yakwa-Israyeli iyakubenza ifa ezweni likaJehova,
babe yizinceku nezincekukazi,
babathumbe labo abakade bethunjiwe yibo,
babuse phezu kwabacindezeli babo.
3Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo, 4uphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele, uthi:
“Yeka ukuphela komcindezeli
nokugcina kokubhensa!
5 UJehova waphulile udondolo lwababi
nentonga yababusi
6eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo,
eyabusa izizwe ngolaka
ngokuzingela okunganqandwanga.
7Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula;
baqhumuka ngokuhlabelela.
8Yebo, nemisayipuresi* ithokoza ngawe,
kanye nemisedari* yaseLebanoni, ngokuthi:
‘Selokhu walaliswa phansi,
akakho umgawuli okhuphukela kithina.’
9Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiwe
ukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho,
ikuvusele izithunzi,
zonke izikhulu zomhlaba,
isukumise onke amakhosi ezizwe
ezihlalweni zawo zobukhosi.
10Onke ayakuthatha athi kuwe:
Nawe usubuthakathaka njengathi,
usufana nathi, na?
11 Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo,
umsindo wezingubhu zenu;
izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho,
nezibungu ziyakusibekela.
12“Yeka ukuwa kwakho ezulwini,
khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa,
nokunqunyelwa kwakho phansi,
wena owawuthobisa izizwe.
13Wena wathi enhliziyweni yakho:
‘Ngiyakukhuphukela ezulwini,
ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi
phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu,
ngihlale entabeni yomhlangano
ngasekugcineni kwasenyakatho.
14Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo
eziphakemeyo zamafu,
ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’
15Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo,
ekugcineni komgodi.
16“Abakubonayo bayakugqolozela,
bakuqaphele, bathi:
‘Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba,
wanyakazisa imibuso,
17owenza izwe laba yihlane,
wayichitha imizi yalo,
akavumela iziboshwa zakhe
ukuba zigoduke, na?’
18Onke amakhosi ezizwe,
onke alala ngodumo,
yileyo naleyo endlini yayo.
19Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho
njengegatsha elinengekayo,
ligqokwe ngababuleweyo,
abahlatshwe yinkemba,
abehlela ematsheni omgodi
njengesidumbu esinyathelweyo.
20Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni,
ngokuba uchithile izwe lakho,
wabulala abantu bakho;
inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade.
21Lungiselani abantwana bakhe ukubulawa
ngobubi bawoyise,
ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba,
bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.”
22 “Ngiyakubavukela,” usho uJehova Sebawoti,
“nginqume eBabele igama, nensali,
nendodana, nomzukulwana,” usho uJehova.
23 “Ngiyakulenza libe yifa likanondwebu
namachibi amanzi,
ngilishanele ngomshanelo wencithakalo,”
usho uJehova Sebawoti.
Isiprofetho nge-Asiriya
24UJehova Sebawoti ufungile, wathi:
“Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo,
nanjengokunquma kwami
kuyakuma kanjalo
25 ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami,
ngimnyathele phansi ezintabeni zami;
bese lisuka kubo ijoka lakhe,
nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”
26Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke;
yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke.
27 Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile;
ngubani ongakuchitha na?
Isandla sakhe singeseluliweyo;
ngubani ongasibuyisa na?
Isiprofetho ngeFilistiya
28Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi kwavela lesi siprofetho.
29 Ungathokozi wena Filistiya lonke
ngokuthi intonga ekushayileyo yaphukile,
ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu,
nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo.
30Amazibulo abampofu ayakuklaba,
nabaswelayo bayakulala belondekile;
ngiyakubulala impande yakho ngendlala,
nensali yakho iyakubhujiswa.
31Klewula wena sango,
dazuluka wena muzi,
phela amandla wena Filistiya lonke!
Ngokuba enyakatho kuvela umusi;
akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.
32 Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na?
Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni;
abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 14: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume