U-Isaya 32

32
Umbuso wokulunga
1Bheka, kuyakuba khona inkosi ebusa ngokulunga,
izikhulu zibuse ngokwahlulela.
2 Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya
nesivikelo esivunguvungwini
njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo,
njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.
3 Amehlo ababonayo awayikuphuphutheka;
izindlebe zabezwayo ziyakulalela.
4Inhliziyo yephulukundlu iyakuqonda,
ize ikwazi,
nolimi lwezingingingi luyakushesha lukhulume kahle.
5Isiwula asisayikubizwa ngokuthi sihloniphekile,
nomkhohlisi akasayikuthiwa inkosi.
6Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula,
nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi,
yenze ukungamesabi uNkulunkulu,
ikhulume okuphambene noNkulunkulu,
yenze ukuba olambileyo abe nephango,
nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.
7Izikhali zomkhohlisi zimbi;
uhlela amacebo amabi,
ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga,
nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.
8Onesizotha uceba okuzothileyo,
nangokuzotha kwakhe uyakuma.
9Vukani nina besifazane abazinzileyo,
nizwe izwi lami;
nina madodakazi azethembayo
nibeke indlebe ekukhulumeni kwami.
10Ezinsukwini ezidlula umnyaka niyakuhlushwa
nina besifazane abazethembayo,
ngokuba ukuvuna kwemivini kuyakuphela,
nokubutha akuyikufika.
11Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo,
nihlupheke nina enizethembayo;
khumulani nizenze nqunu,
nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.
12Zishayeni esifubeni
ngenxa yamasimu amahle nemivini ethelayo.
13Emhlabathini wabantu bami
kuyakumila amakhakhasi nameva,
yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo,
14 ngokuba izindlu zamakhosi zilahliwe,
nomuzi onabantu abaningi ushiyiwe;
igquma nombhoshongo kuyakuba yimihume kuze kube phakade,
nenjabulo yezimbongolo zasendle,
nedlelo lemihlambi,
15 uMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu,
nehlane liphenduke insimu,
nensimu ithiwe ihlathi.
16Ukwahlulela kuyakwakha ehlane,
ukulunga kuhlale ensimini.
17Umsebenzi wokulunga uyakuba ngukuthula,
impumelelo yokulunga ibe ngukulondeka kuze kube phakade.
18 Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula,
nasezindlini ezilondekayo,
nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.
19Liyakuwisa isichotho, lize liwe ihlathi,
nomuzi uyakuthotshiswa nokuthotshiswa.
20Nibusisiwe nina enitshala ngasemanzini onke;
nikhulula izinyawo zezinkabi nezezimbongolo.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 32: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume