EkaJakobe 2:10-13
EkaJakobe 2:10-13 ZUL59
Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke. Ngokuba yena owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho. Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko. Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


