EkaJakobe 2:10-13 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

EkaJakobe 2:10-13 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke. Ngokuba yena owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho. Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko. Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.

EkaJakobe 2:10-13 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngokuba ogcina wonke umthetho, kodwa akhubeke kowodwa nje, unecala kuwo wonke. Ngokuba lowo owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi, kodwa ubulala, uyisephulamthetho. Ngakho khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengokufanele abayakwehlulelwa ngomthetho wenkululeko. Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.

EkaJakobe 2:10-13 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Ngoba lowo ogcina umthetho wonke, kodwa akhubeke kokukodwa, unecala kuyo yonke; Ngoba owathi: Ungafebi, wathi futhi: Ungabulali. Kepha uma ungafebi, kepha ubulala, useqamthetho. Khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengabazakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko. Ngokuba ukwahlulela okungenasihawu uyakuba nomusa; nesihawu siyathokoza ekwahlulelweni.

EkaJakobe 2:10-13 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)