EkaJakobe 2:14-18

EkaJakobe 2:14-18 ZUL59

Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na? Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, kusho omunye kini kubo ukuthi: “Hambani nibe nokuthula, nifudumale; nisuthe,” kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na? Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho. Kepha omunye uyakuthi: “Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi,” ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJakobe 2:14-18