NgokukaLuka 14:12-14

NgokukaLuka 14:12-14 ZUL59

Wathi nakommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana. Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe; uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”