UNehemiya 1:7-9

UNehemiya 1:7-9 ZUL59

Senzile kabi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo owayala ngakho inceku yakho uMose. “Ake ulikhumbule izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi: ‘Uma niphambuka, mina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe; kepha uma nibuyela kimi, nigcine imiyalo yami, niyenze, noma abaxoshiweyo benu bebe semajukujukwini ezulu, ngiyakubabutha lapho nokho, ngibayise endaweni engiyikhethe ukubeka igama lami kuyo.’