IzAga 13:13-25

IzAga 13:13-25 ZUL59

Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa. Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezihibeni zokufa. Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni. Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sihlakaza ubuwula. Isithunywa esibi siwela ebubini, kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso. Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa, kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa. Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni, kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula. Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo. Ububi bulandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle. Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo. Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi, kepha kukhona okuchithwa ngenxa yokungalungi. Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe, kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke. Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe, kepha isisu sababi siyaswela.

Funda IzAga 13