Umthamo owomileyo kanye nokuthula ungcono kunendlu egcwele okuhlatshiweyo kanye nokuxabana. Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo; iyakudla ifa phakathi kwezelamani. Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando ngesegolide, kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova. Owenza okubi uqaphela izindebe zokona, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi. Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayikuyekwa. Abantwana babantwana bangumqhele wabadala, nodumo lwabantwana lungoyise. Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula; kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu. Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo: noma ebhekaphi, uyaphumelela. Osibekela isiphambeko ufuna uthando, kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo. Insolo ingena koqondileyo kunemivimbo eyikhulu koyisiwula. Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela; ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya. Umuntu makahlangane nebhere* elaphuciwe amawundlu alo kunesiwula ebuwuleni baso. Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyikusuka endlini yakhe. Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.
Funda IzAga 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzAga 17:1-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo