IzAga 26
26
1 Njengeqhwa ehlobo nemvula ngesikhathi sokuvuna,
kanjalo udumo alufanele isiwula.
2Njengomzwilili ekuhambeni kwawo
nanjengenkonjane ekundizeni kwayo,
kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.
3 Isiswebhu singesehhashi,
netomu lingelembongolo,
noswazi lungolomhlane weziwula.
4Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso,
funa ufane naso.
5Phendula isiwula njengobuwula baso,
funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso.
6 Othuma izwi ngesandla sesiwula
unquma izinyawo zakhe,
uphuza ingozi.
7Imilenze yonyonga iyalengalenga;
zinjalo izaga emilonyeni yeziwula.
8Njengobopha itshe endwayimaneni,
unjalo onika isiwula udumo.
9Njengeva elingena esandleni sesidakwa,
sinjalo isaga emlonyweni weziwula.
10Ingqongqo yenza konke yodwa;
oqasha isiwula uqasha abadlulayo nje.
11 Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo,
kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.
12 Uyabona umuntu ohlakaniphile emehlweni akhe na?
Kukhona ithemba ngesiwula kunaye.
13 Ivila lithi: “Kukhona ingonyama endleleni
nebhubesi esigcawini.”
14Isicabha siphenduka ngezingibe zaso,
nevila ecansini lalo.
15 Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;
kuyamkhathaza ukusibuyisela emlonyeni walo.
16Ivila lihlakaniphile emehlweni alo
kunabayisikhombisa abaphendula ngokuhlakanipha.
17Odlula nje ehlanganyela ukuxabana okungesikho okwakhe
unjengobamba inja ngezindlebe zayo.
18Njengohlanya oluphonsa izikhuni
nemicibisholo ebulalayo,
19unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe,
ethi: “Angithi ngintelile nje na?”
20 Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka,
nalapho kungekho abancethezi, kuyabodla ukuxabana.
21 Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni,
unjalo umuntu ophikisa ukuvusa inkani.
22 Amazwi omncethezi anjengesibiliboco:
ayehlela kokuphakathi komuntu.
23Izindebe ezishisayo nenhliziyo embi
kunjengesitsha sebumba esinamekwe ngamanyela esiliva.
24Ozondayo uyazenzisa ngezindebe zakhe,
ubekelela inkohliso enhliziyweni yakhe.
25Lapho enza izwi lakhe libe mnandi, ungakholwa nguye,
ngokuba kukhona izinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe.
26Noma inzondo yakhe isibekelwa ngenzondo,
ububi bakhe buyakwambulwa ebandleni.
27 Omba umgodi uyakuwela kuwo,
nogingqa itshe, liyakubuyela phezu kwakhe.
28Ulimi lwamanga luyazonda olubachobozileyo,
nomlomo othophayo usebenza incithakalo.
Okuqokiwe okwamanje:
IzAga 26: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.