AmaHubo 1:1-6

AmaHubo 1:1-6 ZUL59

Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo, kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku. Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho. Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya. Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni, nezoni ebandleni labalungileyo. Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.

Funda AmaHubo 1

Verse Image for AmaHubo 1:1-6

AmaHubo 1:1-6 - Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo,
kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova,
ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.
Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi,
othela isithelo sawo ngesikhathi sawo,
oqabunga lawo lingabuni,
nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

Ababi abanjalo,
kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.
Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni,
nezoni ebandleni labalungileyo.

Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo,
kodwa indlela yababi yobhubha.