AmaHubo 126

126
Ukutshala ngezinyembezi nokuvuna ngentokozo
Igama lokukhuphuka.
1 Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni,
sasinjengabaphuphayo.
2 Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka
nolimi lwethu ukuhuba;
bathi phakathi kwabezizwe:
UJehova ubenzele izinto ezinkulu.
3UJehova usenzele izinto ezinkulu, sajabula.
4Buyisa, Jehova, ukuthunjwa kwethu
njengemifula yaseningizimu.
5 Abahlwanyela ngezinyembezi
bayakuvuna ngokuthokoza.
6 Ohamba ekhala izinyembezi,
ephethe imbewu yokuhlwanyela,
uyakubuya ngokuthokoza,
ephethe izinyanda zakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 126: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume