AmaHubo 2
2
Ogcotshiweyo kaJehova
1 Kungani ukuba abezizwe baxokozele,
nabantu bazindle ngokuyize na?
2 Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa,
nababusi baceba icebo
ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi:
3 “Masigqabule izibopho zabo,
silahle izintambo zabo, zisuke kithina.”
4 Yena ohlezi ezulwini uyahleka,
iNkosi iyabadelela.
5Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo,
ibethuse ngolaka lwayo, ithi:
6 “Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni,
intaba yami engcwele.”
7 Ngizakulanda ngesinqumo:
uJehova wathi kimi:
“Uyindodana yami wena;
namuhla ngikuzele.
8 Cela kimi,
ngikunike abezizwe babe yifa lakho,
nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.
9 Uzakubaphula ngentonga yensimbi,
ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”
10Ngakho hlakaniphani nina makhosi;
yalekani nina bahluleli bomhlaba.
11 Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela.
12 Yangeni indodana,
ingaze ithukuthele,
nibhubhe endleleni,
ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane.
Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.
Okuqokiwe okwamanje:
AmaHubo 2: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.