AmaHubo 6

6
Umkhuleko wocela umusa ngesikhathi sokuhlupheka
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. NgeSheminti.* Ihubo likaDavide.
1 Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,
ungangishayi ngolaka lwakho.
2 Yiba nomusa kimi, Jehova,
ngokuba ngidangele;
ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,
3 nomphefumulo wami uyathuthumela,
kepha wena Jehova,
koze kube nini na?
4 Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami,
ungisindise ngenxa yesihawu sakho.
5 Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni;
ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?
6 Ngikhathele ukububula kwami;
ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku,
ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
7 Iso lami liyafiphala ngokudabuka;
liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.
8Dedani kimi nina nonke enenza okubi,
ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;
9uJehova uzwile ukunxusa kwami,
uJehova uyamukela umkhuleko wami.
10 Zonke izitha zami ziyakujabha,
zishaywe luvalo;
ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 6: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume