Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho. Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yonke yami, ngidumise igama lakho kuze kube phakade. Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami, ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi. Nkulunkulu, izideleli zingivukele, ibandla lezidlwangudlwangu lifuna umphefumulo wami; azibekanga wena phambi kwazo. Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka. Phendukela kimi, ube nomusa kimi, uyiphe inceku yakho amandla akho, usindise indodana yencekukazi yakho. Ngenzele isiboniselo sokuhle, ukuze abangizondayo babone, bajabhe, ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.
Funda AmaHubo 86
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 86:11-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo