AmaHubo 9
9
Ukwahlulela kukaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ukufa kwendodana. Ihubo likaDavide.
1 Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;
ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.
2Ngiyakujabula, ngethabe kuwe;
ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke,
3ngokuba izitha zami zibuyela emuva,
ziwa, zibhubha ebusweni bakho,
4ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami,
uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo.
5Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi;
igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade.
6Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade;
imizi wayisimbula,
ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.
7UJehova uyabusa kuze kube phakade;
isihlalo sakhe sobukhosi usimisela ukwahlulela;
8 umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga,
athethe amacala ezizwe ngobuqotho.
9 UJehova uyinqaba yocindezelweyo,
uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.
10Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;
ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.
11 Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni;
memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu.
12 Ngokuba yena ophindisela igazi uyabakhumbula abahluphekayo;
akakhohlwa ukukhala kwabo.
13 Yiba nomusa kimi, Jehova;
kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo
wena ongiphakamisa emasangweni okufa,
14ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho,
ngethabe ngokusindisa kwakho
emasangweni endodakazi yaseSiyoni.
15 Abezizwe bashone phansi egebeni abalenzileyo;
unyawo lwabo lubhajwe esihibeni abasifihlileyo.
16 UJehova uzazisile, wahlulela;
umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*
17Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo,
bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.
18 Ngokuba ompofu kayikukhohlakala njalo;
ithemba labahluphekayo aliyikunyamalala kuze kube phakade.
19Vuka, Jehova!
Mawungavumi ukuba abantu bahlule;
abezizwe mabahlulelwe ebusweni bakho.
20 Mabashaywe luvalo, Jehova;
abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje. Sela*
Okuqokiwe okwamanje:
AmaHubo 9: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.