thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane; ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo; hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi. Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo. Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi. Kepha: “Uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.” Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.
Funda KwabaseRoma 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 12:10-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo