1 IZikhronike 14
14
Isivumelwano SikaDavide NoHiramu
Abanye Abafazi BakaDavide Nabantwana
1 Inkosi yaseThire, uHiramu, yathumela izithunywa kuDavide, imisedari, abakhi nababazi ukuba bayomakhela indlu. 2UDavide waqonda ukuthi uSimakade wayembekile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.
3UDavide eseseJerusalema wabuye wathatha abanye abafazi, wazala amanye amadodana namadodakazi. 4 Nanka amagama abantwana abazala eJerusalema: uShamuwa, uShobhabhi, uNathani, uSolomoni, 5uJibhari, u-Elishuwa, u-Eliphelethi, 6uNoga, uNefegi, uJafiya, 7u-Elishama, uBheyeliyada no-Elifeleti.
UDavide Ubhubhisa AmaFilisti
8 Kwathi esezwile amaFilisti ukuthi uDavide ubekiwe ukuba abe yinkosi ka-Israyeli, akhuphuka ayomfuna; kuthe lapho uDavide ekuzwa lokho waphuma, wawahlasela. 9 AmaFilisti esegasele esigodini samaRefa, 10uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyuke yini ukuyohlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela yini esandleni sami?”
USimakade wathi kuye: “Khuphuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”
11 Base bekhuphuka eBhali Pherazimu, uDavide wawabhubhisa. UDavide wathi: “UNkulunkulu uthelekele izitha zami ngesandla sami njengamanzi ebhodloza avinjwe ngakho.”
Yingakho-ke leyo ndawo bayiqamba bathi iBhali Pherazimu. 12 AmaFilisti abashiya lapho onkulunkulu bawo, uDavide wathi mababashise ngomlilo.
13 AmaFilisti abuye asigasela isigodi. 14UDavide wabuye wabuza kuNkulunkulu, uNkulunkulu wathi kuye: “Ungenyuki uwalandele, kunalokho aqhamukele maqondana namajikijolo. 15Kuyothi lapho sewuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukubhubhisa amabutho amaFilisti.”
16UDavide wenza njengokuba uNkulunkulu ayemyalile, bawabhubhisa amabutho amaFilisti, kusukela eGibheyoni kuze kube seGezeri.
17 Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.
Okuqokiwe okwamanje:
1 IZikhronike 14: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.