1 IZikhronike 22
22
1 UDavide wayesethi: “Le yindlu kaSimakade uNkulunkulu, leli yi-althare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”
UDavide Ulungiselela Ukwakhiwa Kwendlu KaSimakade
2 UDavide wayala ukuba kuqoqwe bonke abafokazi ababekwa-Israyeli, wabeka ababazi bamatshe ukuba babaze amatshe axhoziweyo, ukuze kwakhiwe indlu kaNkulunkulu. 3 UDavide waqokelela nensimbi eningi yokwenza izipikili zeminyango nezamasango nezokuhlanganisa ithusi eliningi elisisindo salo singenakulinganiswa, 4 nemisedari engenakubalwa, ngokuba abaseSidoni nabaseThire babemlethele imisedari eminingi uDavide.
5 UDavide wathi: “USolomoni, indodana yami, usengumfana, akakaqini ukuba angakhela uSimakade indlu, ngokuba indlu okumele yakhelwe uSimakade kumele ibe yinhle kakhulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni wonke; ngakho-ke ngizakuqala mina ukuyilungiselela.”
UDavide wayilungiselela kakhulu engakafi.
6Wayesebiza uSolomoni, indodana yakhe, wamyala ukuba akhele uSimakade indlu. 7 UDavide wathi kuSolomoni, indodana yakhe: “Bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhe indlu, ngiyakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami. 8 Kepha izwi likaSimakade lathi kimi: ‘Uchithe igazi eliningi, waphaka izimpi eziningi, ngalokho awuyukulakhela igama lami indlu, ngokuba liningi igazi olichithe emhlabathini phambi kwami. 9 Bheka, uzozalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula. Ngiyakumnika ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe uyakuba nguSolomoni, ngiyakunika u-Israyeli ukuthula noxolo ngezinsuku zakhe. 10 Uyakulakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, Mina ngibe nguyise. Isihlalo sakhe sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli ngiyosimisa kuze kube phakade.’
11 “Manje-ke, ndodana yami, uSimakade makabe nawe, ube nempumelelo, umakhele indlu kaSimakade uNkulunkulu wakho njengolokhu akhuluma kuwe. 12 Kuphela nje, sengathi uSimakade angakupha ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaSimakade uNkulunkulu wakho. 13 Khona uyakuphumelela, uma ugcina izimiso nezehlulelo uSimakade ayala ngazo uMose ngo-Israyeli. Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo.
14 “Uyabona, ekuhluphekeni kwami, ngiyilungiselele indlu kaSimakade: amathalenta egolide ayizi-100 000, amathalenta esiliva ayizi-100 000, ithusi nensimbi okungenakulinganiswa ngenxa yobuningi bakho; ngilungise nemithi namatshe, wena-ke usuyokwenezela kukho. 15Kukhona kuwe izisebenzi eziningi, ababazi, izisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke: 16 eyegolide, eyesiliva, eyethusi, neyensimbi, okungenakubalwa; suka usebenze; uSimakade abe nawe.”
17 UDavide wayala zonke izikhulu zakwa-Israyeli ukuba zimelekelele uSolomoni, wathi: 18 “USimakade uNkulunkulu wenu akanani na? Akaninikanga yini ukuphumula nxazonke na? Unikele kini izakhamuzi zakuleli lizwe, walinqoba leli lizwe phambi kukaSimakade naphambi kwabantu bakhe. 19 Ngakho-ke nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu, nifune uSimakade uNkulunkulu wenu. Sukani nakhe indawo engcwele kaSimakade uNkulunkulu, ukuze kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu kuleyo ndlu eyokwakhelwa igama likaSimakade.”
Okuqokiwe okwamanje:
1 IZikhronike 22: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.