1 IZikhronike 29
29
Ukulethwa Kweminikelo Yokwakhiwa Kwendlu KaSimakade
1 Inkosi uDavide yathi kulo lonke ibandla: “USolomoni, indodana yami, nguye yedwa okhethwe nguNkulunkulu, usengumfana, akakaqini ukhakhayi, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu, kepha ngelikaSimakade uNkulunkulu. 2 Sengiyilungisele indlu kaNkulunkulu wami ngamandla ami wonke, igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva, ithusi lokwethusi, insimbi yokwensimbi, imithi yokwemithi, amatshe amashohamu nawokufakwa, amatshe ahlobisayo nanemibala eyehlukeneyo, izinhlobo zonke zamatshe ayigugu, namatshe amhlophe amaningi. 3Futhi njengokuba ngiyayithanda indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyakunikela endlini kaNkulunkulu wami, phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele, 4 amathalenta egolide ayizi-3 000, igolide lase-Ofiri, amathalenta ayizi-7 000 esiliva elicwengekileyo ukunameka ngalo izindonga zezindlu, 5 igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, yebo, kuwo wonke umsebenzi wezandla zezingcweti. Ngubani pho othokozela namuhla ukuzehlukanisela uSimakade na?”
6 Zase zinikela izikhulu zawoyise, abaholi bezizwana zakwa-Israyeli, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu nezinduna zomsebenzi wenkosi. 7 Banikelela umsebenzi wendlu kaNkulunkulu ngalokhu: amathalenta egolide ayizi-5 000, amadarike ayizi-10 000, amathalenta esiliva ayizi-10 000, amathalenta ethusi ayizi-18 000, namathalenta ensimbi ayizi-100 000. 8 Ababenamatshe bawanikela engcebeni yendlu kaSimakade, phansi kwesandla sikaJehiyeli, umGereshoni. 9 Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo, ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuSimakade; naye uDavide, inkosi, wajabula ngokujabula okukhulu.
UDavide Udumisa USimakade
10UDavide wayesemdumisa uSimakade phambi kwebandla lonke, wathi: “Mawubongwe Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, ubaba, kuze kube phakade. 11 Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. 12 Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, Wena uyabusa phezu kwakho konke. Esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, ukukhulisa nokunika bonke amandla. 13Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo.
14“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho. 15 Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho. 16Simakade Nkulunkulu wethu, zonke lezi zinto esizilungisele ukwakhela igama lakho elingcwele indlu, zivela esandleni sakho, zonke zingezakho. 17 Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza. 18Simakade, Nkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka noka-Israyeli, okhokho bethu, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho, uqondise inhliziyo yabo kuwe, 19 unike uSolomoni, indodana yami, inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, ubufakazi bakho, izimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungisileyo.”
20 UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uSimakade uNkulunkulu wenu.”
Lonke ibandla lambonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, lakhothama, lakhuleka kuSimakade nasenkosini.
21 Ngakusasa bamhlabela uSimakade imihlatshelo, banikela ngeminikelo yokushiswa kuSimakade: izinkunzi eziyinkulungwane, izinqama eziyinkulungwane, amawundlu ayinkulungwane neminikelo yakho yokuphuzwayo, nemihlatshelo eminingi evela ku-Israyeli wonke. 22 Badla, baphuza phambi kukaSimakade ngalolo lusuku, bathokoza kakhulu. USolomoni, indodana kaDavide, baphinda okwesibili bambeka, bamgcobela uSimakade ukuba abe ngumbusi, uZadoki abe ngumphristi. 23 USolomoni wahlala esihlalweni sobukhosi sikaSimakade waba yinkosi esikhundleni sikaDavide, uyise, waba nempumelelo; wonke u-Israyeli wamlalela. 24Zonke izikhulu, amaqhawe, nawo wonke amadodana enkosi uDavide bazithoba phansi kwenkosi uSolomoni.
25 USimakade wamenza waba mkhulu uSolomoni phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungakaze lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli eyamendulelayo.
Ukukhothama KukaDavide
26 UDavide, indodana kaJese, wabusa u-Israyeli wonke. 27 Wambusa u-Israyeli iminyaka engama-40; iminyaka eyisikhombisa wabusa eseHebhroni, engama-33 wayibusa eseJerusalema. 28 Wafa esemdala, esenelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni, indodana yakhe, wabusa esikhundleni sakhe.
29 Izinto ezenziwa nguDavide ekuqaleni nasekugcineni, zonke zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, encwadini yezindaba zikaNathani umphrofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni. 30 Zonke izindaba ngokubusa kwakhe, amandla akhe, izehlo ezamehlelayo, yena no-Israyeli, nayo yonke imibuso namazwe.
Okuqokiwe okwamanje:
1 IZikhronike 29: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.