1 IZikhronike 4

4
Izizukulwane ZikaJuda
1 Amadodana kaJuda: kwakunguPherezi, uHezironi, uKharmi, uHure, noShobhali. 2URewaya, indodana kaShobhali, wazala uJahathi; uJahathi wazala u-Ahumayi noLahadi. Laba babengabemindeni yamaZorathi. 3Nampa abazalwa ngu-Ethami: nguJizreyeli, u-Ishima, u-Idibhashi, udadewabo kunguHaseleliphoni, 4 uPhenuweli, wayenguyise kaGedori, u-Ezeri kunguyise kaHusha. Yilabo-ke ababengabakaHure, izibulo lika-Efratha, uyise kaBhethlehema. 5 U-Ashuri, uyise kaThekhowa, wayenabafazi ababili, uHela noNahara. 6UNahara wamzalela u-Ahuzamu, uHeferi, uThemeni noHawahashithari. Yilabo ababengamadodana kaNahara. 7Amadodana kaHela: kwakunguZerethi, uJizihari no-Ethinani. 8UKozi wazala u-Anubhi, uZobeba, nemindeni ka-Ahariheli, indodana kaHarumu.
9UJabhezi wayetuseka kunabafowabo. Unina wamqamba igama wathi: “NguJabhezi,” ngoba wathi: “Ngokuba ngamzala ngobuhlungu.”
10UJabhezi wakhuleka kuNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umngcele wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa wubuhlungu.”
UNkulunkulu wamnika akucelayo.
11UKhelubhi, umfowabo kaShubha, wazala uMehiri owayenguyise ka-Eshithoni. 12U-Eshithoni wazala uBhebhi Rafa, uPhaseya, noThehina, uyise ka-Iri Nahashi. Yilabo-ke ababengamadodana kaRekha.
13 Amadodana kaKenazi: kwakungu-Otheniyeli noSeraya; indodana ka-Otheniyeli: kunguHathathi. 14 UMehonothayi wazala u-Ofira. UZeraya wazala uJowabe, uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babengabakhandi.
15 Amadodana kaKhalebhu, indodana kaJefune: kwakungu-Iru, u-Ela, noNahamu, namadodana ka-Ela, noKenazi.
16Amadodana kaJehaleli: kwakunguZifi, uZifa, uThiriya no-Asareli.
17Amadodana ka-Ezra: kwakunguJetheri, uMeredi, u-Eferi, noJaloni; wazala uMiriyamu, uShamayi no-Ishibha, uyise ka-Eshithemowa. 18Umkakhe owayengumJudakazi wazala uJeredi, uyise kaGedori, uHebhere, uyise kaSokho, noJekuthiyeli, uyise kaZanowa. Abanye babengamadodana kaBhithiya, indodakazi kaFaro, eyathathwa nguMeredi.
19Amadodana omkaHodiya, udadewabo kaNahamu, ayenguyise kaKeyila, umGarimi, no-Eshithemowa, umMahakha.
20Amadodana kaShimoni: kwakungu-Amnoni, uRina, uBheni Hanani noThiloni. Amadodana ka-Ishi: kwakunguZohethi noBheni Zohethi.
21 Amadodana kaShela, indodana kaJuda: kwakungu-Eri, uyise kaLekha, uLahada, uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo, bendlu ka-Ashibheya, 22uJokimi, nabantu baseKhozebha, uJowashi, uSarafi, ababebusa kwaMowabi, noJashubhi Lehemi. Kepha lezi zindaba ngezasemandulo. 23Labo babengababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi, benza umsebenzi wayo.
Izizukulwane ZikaSimeyoni
24 Amadodana kaSimeyoni: kwakunguNemuweli, uJamini, uJaribi, uZera noShawule, 25uShalumi indodana yakhe, uMibhisamu indodana yakhe noMishima, indodana yakhe. 26Amadodana kaMishima: kwakunguHamuweli, uZakhuri noShimeyi.
27UShimeyi wayenamadodana ali-16, namadodakazi ayisithupha, kodwa abafowabo babengenabantwana abaningi, nomndeni wabo awandanga njengabakwaJuda. 28 Bahlala eBheri Sheba, eMolada, eHazari Shuwali, 29eBhiliha, e-Ezemi, eTholadi, 30eBhethuweli, eHorma, eZikilagi, 31eBhethi Marikhabhothi, eHazari Susimi, eBhethi Bhiri, naseShaharayimi. Yileyo-ke okwakuyimizi yabo, kwaze kwabusa uDavide. 32Imizana yabo: i-Ethamu, i-Ayini, iRimoni, iThokheni ne-Ashani, kuyimizi eyisihlanu, 33nayo yonke imizana eyayiyizungezile, kwaze kwaba seBhali. Lezo kwakuyizindawo zabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo.
34UMeshobhabhi, uJamilekhi, uJosha, indodana ka-Amasiya, 35uJoweli, uJehu kaJoshibhiya kaSeraya ka-Asiyeli, 36u-Eliyohenayi, uJahakhoba, uJeshohaya, u-Asaya, u-Adiyeli, uJesimiyeli, uBhenaya, 37noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya.
38Bonke laba ababizwe ngamagama ngenhla babengabaholi emindenini yabo. Izindlu zokhokho babo zanda kakhulu. 39Baya ngasekungeneni eGedori, ngasohlangothini lwasempumalanga lwesigodi, bayofunela izimvu zabo idlelo. 40 Bathola idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala ngabakwaHamu.
41 Labo bafika ngezinsuku zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, babhubhisa amathende abo nawamaMehuni atholakala lapho, babaqothula kuze kube namuhla, base behlala endaweni yabo, ngokuba bathola idlelo lemfuyo yabo lapho. 42 Abanye babo ababengabozalo lukaSimeyoni babengama-500, baya entabeni iSeyiri beholwa nguPhelathiya, uNehariya, uRefaya no-Uziyeli, indodana ka-Ishi. 43 Bayibhubhisa insali yama-Amaleki eyayiphunyukile, basahlala lapho kuze kube namuhhla.

Okuqokiwe okwamanje:

1 IZikhronike 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume