1 IZikhronike 7
7
Isizwana Sakwa-Isakhare
1Amadodana ka-Isakhare: kwakunguThola, uPhuwa, uJashubhi noShimroni; esewonke ayemane. 2 Amadodana kaThola: kwakungu-Uzi, uRefaya, uJeriyeli, uJahemayi, u-Ibhisamu, noShemuweli. Babeyizinhloko zezindlu zokhokho babo, abakwaThola, bengamaqhawe anamandla ngezizukulwane zabo. Ubuningi babo ngesikhathi sikaDavide babeyizi-22 600. 3Indodana ka-Uzi: kunguJizirahiya. Amadodana kaJizirahiya: kwakunguMikhayeli, u-Obhadiya, uJoweli noJishiya; eyisihlanu esewonke futhi wonke eyizinhloko. 4Kuwo kwakukhona amabutho ngamaviyo awo, ezizukulwaneni zezindlu zokhokho bawo. Kwakungamabutho ayizi-36 000, ngokuba babenabafazi abaningi namadodana amaningi. 5Abakwa-Isakhare ngokwemindeni babeyizi-87 000, bengamaqhawe, futhi bonke bebhalwe ngezizukulwane zabo.
Isizwana SakwaBhenjamini
6 Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri noJediyayeli; emathuthu esewonke. 7Amadodana kaBhela: kwakungu-Eshibhoni, u-Uzi, u-Uziyeli, uJeremothi, no-Iri, eyisihlanu esewonke. Ayeyizinhloko zezindlu zawoyise, engamaqhawe anamandla, ayeyizi-22 034, wonke ebhalwe ngokwezizukulwane zawo.
8Amadodana kaBhekheri: kwakunguZemira, uJowashi, u-Eliyezeri, u-Eliyohenayi, u-Omri, uJeremothi, u-Abhiya, u-Anathothi no-Alemethi. Bonke laba abangenhla kwakungamadodana kaBhekheri.
9Abhalwa ngokwezizukulwane zawo, eyizinhloko zezindlu zokhokho bawo, engamaqhawe anamandla, eyizi-20 200.
10Indodana kaJediyayeli: kwakunguBhilihani. Amadodana kaBhilihani: kunguJewushe, uBhenjamini, u-Ehudi, uKhenahana, uZethani, uTharishishi no-Ahishahari. 11Bonke laba babengamadodana kaJediyayeli, beyizinhloko zezindlu zawoyise, bengamaqhawe anamandla, beyizi-17 000 abase bekulungele ukuphuma impi. 12Amadodana ka-Iri: kwakunguShuphimi noHuphimi. UHushimi eyindodana ka-Aheri.
Isizwana SakwaNafethali
13Amadodana kaNafethali: kwakunguJaziyeli, uGuni, uJezeri noShalumi, amadodana kaBhiliha.
Isizwana SakwaManase
14Amadodana kaManase: kwakungu-Asiriyeli ayemzalelwe isancinza sakhe, umAramukazi, sazala noMakhiri uyise kaGileyadi. 15UMakhiri wathathela uHuphimi noShuphimi abafazi, udadewabo kwakunguMahakha. Igama lowesibili kwakunguZelofehadi. UZelofehadi wayenamadodakazi wodwa. 16UMahakha, umkaMakhiri, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguPhereshi; igama lomfowabo kunguShereshi; amadodana akhe kungu-Ulamu noRakhemi.
17Indodana ka-Ulamu: kunguBhedani. Labo babengabozalo lukaGileyadi kaMakhiri kaManase. 18Udadewabo, uHamolekhethi, wazala u-Ishihodi, u-Abhiyezeri noMahela. 19Amadodana kaShemida: kwakungu-Ahiyani, uShekhemi, uLikhihi no-Aniyamu.
Isizwana Sakwa-Efrayimi
20 Abozalo luka-Efrayimi: kwakunguShuthela, uBheredi, uThahathi, u-Eleyada uThahathi, 21uZabhadi, uShuthela, u-Ezeri no-Eleyadi, babulawa ngabantu baseGathi ababezelwe kulelo lizwe, ngokuba behla ukuzothatha imfuyo yabo. 22U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza bamduduza. 23Walala nomkakhe, wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguBheriya, ngokuba wathi indlu yakhe beyehlelwe yinhlekelele. 24 Indodakazi yakhe kwakunguSheyera owakha iBhethi Horoni eZansi naseNhla, ne-Uzeni Sheyera.
25Indodana yakhe kwakunguRefa, uThela, uThahani, 26uLadani, u-Amihudi, u-Elishama, 27 uNuni, noJoshuwa. 28 Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBhethele nemizana yalo, ngasempumalanga kuyiNaharani, ngasentshonalanga kuyiGezeri nemizana yalo, iShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo; 29ngasemingceleni yabakwaManase kuyiBhethi Sheyani nemizana yalo, iThahanakhi nemizana yalo, iMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo ndawo kwahlala abakwaJosefa, indodana ka-Israyeli.
Isizwana Sakwa-Asheri
30 Amadodana ka-Asheri: kwakunguJimna, u-Ishiva, u-Ishivi, uBheriya, nodadewabo uSera. 31Amadodana kaBheriya: kunguHebhere, noMalikhiyeli owayenguyise kaBhirizayithi. 32UHebhere wazala uJafelethi, uShomeri, uHothamu, noShuwa, udadewabo. 33Amadodana kaJafelethi: kwakunguPhasakhi, uBhimihali, no-Ashivathi. Laba kwakungamadodana kaJafelethi. 34Amadodana kaShemeri: kwakungu-Ahi, uRohiga, uJehuba no-Aramu. 35Amadodana kaHelemi, umfowabo: kunguZofa, uJimna, uSheleshi no-Amali. 36Amadodana kaZofa: kwakunguShuwa, uHarineferi, uShuhali, uBheri no-Imra, 37uBhezeri, uHodi, uShama, uShilisha, u-Ithrani noBheyera. 38Amadodana kaJetheri: kwakunguJefune, uPhisipha no-Ara. 39Amadodana ka-Ula: kungu-Ara, uHaniyeli noRiziya.
40Bonke laba babengabozalo luka-Asheri, izinhloko zezindlu zokhokho, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zabaholi. Inani labo sebebonke elibhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini, kwakungamabutho ayizi-26 000.
Okuqokiwe okwamanje:
1 IZikhronike 7: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.