1 KwabaseKhorinte 3:10-15

1 KwabaseKhorinte 3:10-15 ZUL20

Ngokomusa kaNkulunkulu engiphiwe wona, njengengcweti yomakhi, ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha makube yilowo nalowo aqaphelisise ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akekho ongabeka esinye isisekelo, ngaphandle kwaleso esibekiweyo, esinguJesu Khristu. Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, ngesiliva, ngamatshe enani eliphezulu, ngezingodo, ngotshani nangezinhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo umi phezu kwaso, lowo muntu uyakwamukela umvuzo, kodwa uma umsebenzi wakhe usha, uyakulahlekelwa yiwo, kepha yena luqobo uyakusindiswa; kuyakuba sengathi uphunyuke emlilweni.