1 KwabaseKhorinte 4

4
Izikhonzi ZikaKhristu Nabaphathi Bezimfihlakalo ZikaNkulunkulu
1 Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKhristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu. 2 Phezu kwalokho kufuneka ukuthi umuntu ophathisiweyo afunyanwe engothembekileyo. 3Kepha kimi kuyinto elula ukuba ningahlulele, noma ngahlulelwe ngabantu; nami luqobo angizahluleli. 4 Ngokuba angizinyezi ngalutho, nokho angilungisisiwe ngalokho, kodwa ongahlulelayo yiNkosi. 5 Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.
Ukuzigabisa KwabaseKhorinte
6 Bazalwane, lokhu-ke ngikuqondise kimi naku-Apholo, ngenxa yenu, ukuba nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuze ningazikhukhumezi, omunye akhethe omunye kunomunye. 7 Ngubani okwenze waba ngcono kunabanye wena na? Yini onayo ongayiphiwanga na? Uma-ke uyiphiwe, pho kungani uzigabisa kube sengathi awuyamukeliswanga na? 8 Senize nasutha, naceba, nibusa ngaphandle kwethu. Yebo-ke, sengathi ningabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani. 9 Ngokuba ngiyabona ukuthi thina baphostoli, uNkulunkulu usenze saba ngabokugcina, njengabanqunyelwe ukuba bafe, ngokuba sesiphenduke into yokubukwa yizwe, yizingelosi, nabantu. 10 Thina siyiziwula ngenxa kaKhristu, kodwa nina nihlakaniphile kuKhristu. Thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla. Nina niyadunyiswa, kodwa thina siyadunyazwa. 11 Kuze kube yilesi sikhathi siyalamba, somile, sihamba ze, siyashaywa, siyimihambima, 12 siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu. Kuthi lapho sethukwa, thina sibusise; uma sizingelwa, thina siqinisele. 13 Kuthi lapho sinyembenywa; thina siphendule kahle, sehlise umoya. Kuze kube namuhla, sithathwa njengezibi zomhlaba, nokungcola okuvela ezintweni zonke. 14 Anginilobeli lokhu ukuba nginenze nizenyeze, kodwa ukuba ngineluleke njengezingane zami ezithandekayo. 15 Nakuba ningaba nabafundisi abayizi-10 000 kuKhristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba yimina enganizala kuKhristu uJesu ngevangeli. 16 Ngakho-ke ngiyanincenga ukuba ningilingise. 17 Yingakho ngithumele kini uThimothewu, umntwana wami othandekayo nothembekileyo eNkosini. Yena uyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKhristu, njengalokhu ngifundisa ezindaweni zonke nasemabandleni onke.
18Abanye bakhukhumele sengathi angisezi lapho kini. 19 Kodwa ngizofika kini kungakapholi maseko, uma iNkosi ivuma, ukuze ngithole kahle, hhayi ngamazwi alaba abazikhukhumezayo, kodwa ngamandla abo. 20 Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngamazwi nje, kodwa ngamandla. 21 Pho nifunani na? Ngize lapho kini ngihlome ngenduku, noma ngothando nomoya omnene na?

Okuqokiwe okwamanje:

1 KwabaseKhorinte 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume