1 AMakhosi 4

4
Izinduna Nezinceku ZikaSolomoni
1Inkosi uSolomoni yabusa u-Israyeli wonke. 2 Nanka amagama ezikhulu zayo:
u-Azariya, indodana kaZadoki, owayengumphristi;
3u-Elihorefi no-Ahiya, amadodana kaShisha, ababengababhali;
uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, owayengumabhalane;
4 uBhenaya, indodana kaJehoyada, owayengumkhuzi wempi;
uZadoki no-Abhiyathara ababengabaphristi;
5 u-Azariya, indodana kaNathani, owayengamele zonke izikhulu;
uZabudi, indodana kaNathathi, owayengumphristi nomngani wenkosi
6 u-Ahishari wayephethe isigodlo;
u-Adoniramu, indodana ka-Abhida, owayephethe izisebenzi ezaziphoqiwe.
7USolomoni wayenezinduna ezili-12, phezu kwabo bonke abakwa-Israyeli, ezazilethela inkosi nabendlu yayo ukudla; yileyo naleyo yayiletha ukudla inyanga eyodwa ngonyaka. 8 Nanka amagama azo:
uBheni Huri kwelezintaba kwa-Efrayimi;
9 uBheni Dekeri eMakhasi, eShahalabimi, eBhethi Shemeshi,
nase-Eloni Bhethi Hanani; 10 uBheni Hesedi e-Arubhothi, okwakungelakhe iSoko nalo lonke iHeferi;
11 uBheni Abhinadaba kulo lonke iNafathi Dori; uThafati, indodakazi kaSolomoni, wayengumkakhe;
12 uBhahana, indodana ka-Ahiludi eThahanaki, eMegido, nakulo lonke iBhethi Sheyani elingaseceleni kweZarethani, ngezansi kwaseJizreyeli, kusukela eBhethi Sheyani kuze kube se-Abhela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu;
13 uBheni Gebheri eRamothi Gileyadi, okwakungeyakhe imizi kaJayire, indodana kaManase ekwaGileyadi, ne-Arigobi eliseBhashani, imizi engama-60 enezingange nemigoqo yethusi;
14 u-Ahinadaba, indodana ka-Ido eMahanayimi,
15 u-Ahimahazi kwaNafetali, yena owathatha uBhasemathi, indodakazi kaSolomoni, abe ngumkakhe,
16 uBhahana, indodana kaHushayi kwa-Asheri nase-Alothi;
17uJehoshafathi, indodana kaPharuwa kwa-Isakhare;
18 uShimeyi, indodana ka-Ela kwaBhenjamini,
19 noGebheri, indodana ka-Uri kwaGileyadi, izwe likaSihoni, inkosi yama-Amori no-Ogi, inkosi yaseBhashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo lizwe.
Isabelo Sokudla KukaSolomoni Sansuku Zonke
20 OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula.
21 USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
22 Ukudla kukaSolomoni, ngosuku olulodwa, kwakungamakhora angama-30 empuphu ecolisekileyo, amakhora angama-60 empuphu, 23izinkabi ezilishumi ezikhuluphalisiweyo, izinkabi ezingama-20 zasemadlelweni, izimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, amanxala, izinsephe, nezinkukhu ezikhuluphalisiweyo. 24Wabusa ezweni lonke, ngaphesheya komfula kusukela eThifisa kuze kube seGaza, phezu kwawo wonke amakhosi ngaphesheya komfula; wayenokuthula nxazonke zakhe. 25 OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.
26 USolomoni wayenezipani ezingama-40 000 zamahhashi ezinqola zakhe nabasebenzisa amahhashi abayizi-12 000.
27Lezi zinduna zaziyilethela ukudla inkosi uSolomoni, nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho. 28 Zaletha nebhali, nefoliji lamahhashi, namahhashi anejubane lapho zazikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona.
Ukuhlakanipha Okukhulu KukaSolomoni
29 UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okukhulu kakhulu, nengqondo esabalele okwesihlabathi esisogwini lolwandle. 30 Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukukhulu kwedlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe. 31 Wayehlakaniphe kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, uHemani, uKalikoli, uDarda, amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke, nxazonke. 32 Waqamba izaga eziyizi-3 000; amaculo akhe ayeyi-1 005. 33Wacwaninga ngezihlahla, kusukela kuwo umsedari oseLebhanoni kuze kube kulo ihisophi elimila odongeni; wacwaninga ngezinkomo, ngezinyoni, ngezilwanyana ezinwabuzelayo nangezinhlanzi. 34 Kwafika abantu bevela ezizweni zonke ukuzozwa ukuhlakanipha kukaSolomoni, babevela kuwo wonke amakhosi omhlaba ayezwile ngokuhlakanipha kwakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

1 AMakhosi 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume