1 USamuweli 26
26
UDavide Uyamyeka USawule Okwesibili
1 Abantu baseZifi baya kuSawule eGibheya, bathi: “UDavide akacashile yini entabeni iHakhila engaphambi kweJeshimoni, na?”
2 USawule wasuka wehlela ehlane eZifi ukuyofuna uDavide ehlane, ehamba nabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abayizi-3 000. 3 USawule wakanisa entabeni iHakhila engaphambi kwehlane, ngasendleleni. UDavide wahlala ehlane, nokho wabona ukuthi uSawule uyamlandela lapho ehlane. 4UDavide wathumela izinhloli, ukuze aqinisekise ukuthi nguSawule zinqotho ofikile.
5 UDavide wasuka, waya lapho kwakukanise khona uSawule; wayibona indawo lapho uSawule ayehleli khona no-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuziwempi yakhe. USawule wayelele enkanjini, abantu bemngunge nxazonke.
6 UDavide wakhuluma ku-Ahimelekhi, umHethi, naku-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, wathi: “Ngubani ozokwehla nami siye kuSawule enkanjini na?”
U-Abhishayi wathi: “Ngizokwehla nawe.”
7UDavide no-Abhishayi baya kubantu ebusuku. Bheka, uSawule wayelele zwi enkanjini, umkhonto wakhe ugxunyekwe emhlabathini ngasekhanda lakhe. U-Abhineri nabantu bakaSawule babelele bemzungeze nxazonke.
8 U-Abhishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu usinikele esandleni sakho isitha sakho namuhla, ngakho-ke mangimbhokode kanye ngomkhonto ngimhlanganise nomhlabathi, ngingamphindi.”
9 UDavide wathi ku-Abhishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelula isandla sakhe amelane nogcotshiweyo kaSimakade, angabi nacala na?”
10 UDavide wathi: “Ngifunga ngiyagomela, uSimakade uyakumshaya, noma afikelwe wusuku lokufa, ehlele empini, abhubhe. 11 Mawungabi bikho nhlobo kimi lowo mcabango wokuba uSimakade angivumele ukuba ngelule isandla ngimelane nogcotshiweyo kaSimakade. Wena thatha umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi, sihambe.”
12 UDavide wayesewuthatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba. Ababonwanga muntu, akekho owayazi ngalokho, futhi akuvukanga muntu, ngokuba bonke babezunywe ngubuthongo obunzulu obabuvela kuSimakade.
13UDavide wayesewelela ngaphesheya, wema esicongweni sentaba ekude, washiya isikhala esikhulu phakathi kwabo. 14UDavide wamemeza abantu no-Abhineri, indodana kaNeri, wathi kubo: “Abhineri, awusabeli ngani na?”
U-Abhineri waphendula wathi: “Ungubani wena omemeza inkosi na?”
15UDavide wambuza u-Abhineri wathi: “Kanti wena awusiye yini umuntu, ukhona yini onjengawe kwa-Israyeli na? Awuyiqaphanga ngani inkosi yakho, inkosi uSawule na? Kufike omunye wabantu ukuzobulala inkosi yakho, inkosi uSawule. 16 Lokhu okwenzileyo akukuhle. Ngifunga ngiyagomela, nimelwe wukufa, ngokuba anizange niyiqaphe inkosi yenu, ogcotshiweyo kaSimakade. Manje bhekani-ke ukuthi uphi umkhonto wenkosi nesigubhu samanzi esasingasekhanda layo.”
17 USawule walazi izwi ukuthi ngelikaDavide, wathi: “Yizwi lakho lelo, ndodana yami Davide na?”
UDavide wathi: “Yizwi lami, nkosi yami, nkosi.”
18 UDavide wathi: “Inkosi yami iyihubhelani inceku yayo na? Ngenzeni na? Bubi buni lobu engibenzile na? 19 Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’ 20 Ngalokho igazi lami malingaweli emhlabathini ngikude noSimakade, ngokuba inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukufuna intwakumba eyodwa, njengalokhu umuntu ezingela intendele ezintabeni.”
21 USawule wathi: “Ngonile; buya, ndodana yami, Davide, ngokuba angizukukulimaza futhi, njengoba ukuphila kwami kube yigugu emehlweni akho namuhla; ngenzise okwesiwula, ngidukile kakhulu.”
22UDavide waphendula wathi: “Bheka, umkhonto, nkosi! Makuwele enye yezinsizwa, iwulande. 23 USimakade uyakuphindisela, kube yilowo nalowo ngokulunga kwakhe nangokwethembeka kwakhe, lokhu uSimakade ekunikele esandleni sami namuhla, angivumanga ukwelula isandla sami ngibulale ogcotshiweyo kaSimakade. 24 Futhi bheka, njengoba ukuphila kwakho kube kukhulu emehlweni ami namuhla, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaSimakade; makangisindise ekuhluphekeni konke.”
25 USawule wathi kuDavide: “Mawubusiswe wena ndodana yami, Davide; uyakwenza izinto ezinkulu, uphumelele kahle.”
Wayesebamba indlela yakhe uDavide, noSawule wabamba abeze ngayo, wabuyela endaweni yakhe.
Okuqokiwe okwamanje:
1 USamuweli 26: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
![None](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapistaging.com%2F58%2Fhttps%3A%2F%2Fweb-assets.youversion.com%2Fapp-icons%2Fzu.png&w=128&q=75)
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.