1 USamuweli 8
8
USamuweli Ubeka Amadodana Akhe Abe Ngabehluleli
1 Kwathi lapho uSamuweli esemdala, wabeka amadodana akhe ukuba abe ngabehluleli kwa-Israyeli. 2 Igama lezibulo lakhe kwakunguJoweli, igama leyesibili kungu-Abhiya; babengabehluleli eBheri Sheba. 3 Amadodana akhe awahambanga ngezindlela zakhe, aphambukela enzuzweni embi, agwazelwa, ahlanekezela ubulungiswa.
Abakwa-Israyeli Bafuna Ukubekelwa Inkosi
4 Kwase kubuthana wonke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama, 5 athi kuye: “Bheka, usumdala manje, amadodana akho awahambi ezindleleni zakho; sibekele inkosi ukuba isehlulele njengezizwe zonke.”
6 Kodwa lokho kwaba kubi emehlweni kaSamuweli, lapho ethi: “Sinike inkosi ukuba isehlulele.”
USamuweli wayesekhuleka kuSimakade. 7 USimakade wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakusho kuwe, ngokuba akuwena abakulahlayo, kodwa balahle Mina, ukuba ngingabe ngisaba yinkosi phezu kwabo. 8Kunjengayo yonke imisebenzi abayenzayo, kusukela ngosuku engabakhuphula ngalo eGibhithe kuze kube namuhla, bangilahla bayokhonza abanye onkulunkulu, ngakho-ke benza kanjalo nakuwe. 9 Manje lalela abakushoyo, kodwa-ke uze ubexwayise impela, ubatshele ngendlela inkosi eyakubusa ngayo phezu kwabo.”
10 USamuweli wabatshela abantu ababecele kuye inkosi wonke amazwi kaSimakade. 11 Wathi: “Nansi indlela inkosi eyonibusa ngayo: izothatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo; 12iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zama-50, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zempi nempahla yezinqola zayo. 13Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki bamakha, nabapheki, nababhakizinkwa. 14 Iyakuthatha amasimu enu, izivini zenu neminqumo yenu emihle, iyakukuthatha ikunike izinceku zayo. 15Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo. 16Iyakuthatha izinceku zenu, izincekukazi zenu, izinsizwa zenu ezinhle, nezimbongolo zenu, yenze ngazo imisebenzi yayo. 17Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nina nibe yizinceku zayo. 18 Ngalolo lusuku niyakukhala ngenxa yenkosi yenu enizikhethele yona, kodwa uSimakade akayukuniphendula ngalolo lusuku.”
19Kepha abantu bala baphetha ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Qha, sifuna ukuba kube khona inkosi isibuse, 20 ukuze nathi sifane nezizwe zonke, inkosi yethu isehlulele, kube yiyo esiholayo lapho siphuma impi, ilwe izimpi zethu.”
21 USamuweli wawezwa wonke amazwi abantu, wawalandisa uSimakade. 22 USimakade wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labo, ubanike inkosi, ibuse phezu kwabo.”
USamuweli wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Hambani, kube yilowo nalowo aye emzini wakubo.”
Okuqokiwe okwamanje:
1 USamuweli 8: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.