2 IZikhronike 24
24
Ukulungiswa Kwendlu KaSimakade
1 UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka engama-40 eJerusalema. Igama likanina kwakunguSibhiya waseBheri Sheba. 2 UJowashi wenza okulungile phambi kukaSimakade ngazo zonke izinsuku zokuphila kukaJehoyada, umphristi. 3UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi.
4 Kwathi emveni kwalokho, kwaba senhliziyweni kaJowashi ukuvuselela indlu kaSimakade. 5 Waqoqa abaphristi nabaLevi, wathi kubo: “Phumani niye emizini yakwaJuda; niqoqe imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu ku-Israyeli wonke, lokho nikwenze unyaka nonyaka: lusukumeleni ngokushesha lolu daba.”
Kepha abaLevi abalusukumelanga ngokushesha lolo daba.
6 Inkosi yayisibiza uJehoyada, inhloko, yathi kuye: “Kungani ungajubanga abaLevi ukuba balethe kwaJuda naseJerusalema intela eyamiswa nguMose, inceku kaSimakade, ebandleni lika-Israyeli, ibe ngeyethende lobufakazi na?”
7 Amadodana ka-Athaliya alowo wesifazane okhohlakele, ayefohle angena endlini kaNkulunkulu, futhi asebenzisa zonke izinto ezingcwele zendlu kaSimakade, ezisebenzisela uBhali.
8 Inkosi yabayala ukuba benze umphongolo, bawubeke ngaphandle ngasesangweni lendlu kaSimakade. 9 Kwase kumenyezelwa kwaJuda naseJerusalema ukuba balethe kuSimakade intela uMose, inceku kaNkulunkulu, ayeyale u-Israyeli ukuba ayikhokhe esesehlane. 10Zonke izikhulu nabo bonke abantu bathokoza, bayiletha, bayiphonsa emphongolweni, baze baqeda. 11Ngesikhathi umphongolo ulethwa ngabaLevi ezinduneni zenkosi, zazithi uma zibona ukuthi isiningi imali, umbhali wenkosi nenduna yomphristi omkhulu, bayithulule imali emphongolweni, wona bawubuyisele endaweni yawo. Benza kanjalo imihla ngemihla, baqoqa imali eningi. 12Inkosi noJehoyada banika labo ababenza umsebenzi wokulungisa indlu kaSimakade, imali, baqasha abakhi nababazi ukuba bavuselele indlu kaSimakade, nabasebenza ngensimbi nethusi ukuba baqinise indlu kaSimakade.
13Izisebenzi zasebenza, kwathi umsebenzi wokulungiswa kwayo waqhubeka ezandleni zazo. Zayilungisa indlu kaNkulunkulu yaba sesimeni sayo, zayiqinisa. 14Zathi ukuba ziyiqede, zabuyisela enkosini nakuJehoyada yonke imali eyayisele. Kwenziwa ngayo izitsha zendlu kaSimakade, izitsha zokukhonzela nezokunikelela, izinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva. Base benikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaSimakade, ngazo zonke izinsuku esaphila uJehoyada.
15UJehoyada wakhula waze wamdala, wafa esenelisiwe yizinsuku aziphilile; wayeneminyaka eyi-130 ngesikhathi efa. 16 Bamngcwaba emzini kaDavide namakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe.
UJuda Ushiya Indlu KaSimakade Ukhonza O-Ashera
17Emveni kokufa kukaJehoyada, kwafika abaholi bakwaJuda, bakhuleka enkosini; inkosi yase iyabalalela. 18 Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho. 19 USimakade wathumela abaphrofethi phakathi kwabo ukuba bababuyisele kuye, babaxwayisa, kodwa abazange balalele.
20 UMoya kaNkulunkulu wasibekela uZakhariya, indodana kaJehoyada, umphristi, wema ngaphezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uNkulunkulu uthi: ‘Niyeqelani imiyalo kaSimakade, ukuze ningabi nampumelelo na? Ngokuba nimshiyile uSimakade, naye unishiyile.’ ”
21 Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe, beyalelwa yinkosi, egcekeni lendlu kaSimakade. 22 Inkosi uJowashi ayikhumbulanga ukwethembeka ayenakho kuye uJehoyada uyise ngesikhathi ibulala indodana yakhe. Lapho isifa yathi: “USimakade makakubone lokhu, aphindisele.”
Ama-Aramu Ahlasela KwaJuda
23 Kwathi ngasekupheleni konyaka impi yase-Aramu yakhuphukela kuye, yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa bonke abaholi babantu, yathumela yonke impango eyayiyiphange kubantu enkosini yaseDamaseku. 24 Nakuba impi yase-Aramu yayize neviyo elincane, uSimakade wanikela esandleni sayo impi enkulu kakhulu, ngokuba uJuda neJerusalema babemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo. UJowashi bamehlulela. 25 Ngesikhathi sebesuka kuye, bamshiya ngoba wayegula kakhulu, izinceku zakhe zamakhela uzungu, ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umphristi, zambulalela embhedeni wakhe. Wafa, zamngcwaba emzini kaDavide, kodwa azimngcwabanga emadlinzeni amakhosi.
26Nampa labo abamakhela uzungu: uZabhadi, indodana kaShimeyathi umAmonikazi; noJehozabhadi, indodana kaShimrithi wakwaMowabi. 27 Indaba ngamadodana akhe, nangobukhulu bemithwalo phezu kwakhe, nangokuvuswa kwendlu kaNkulunkulu, bheka, kulotshiwe emlandweni wencwadi yamakhosi. U-Amaziya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Okuqokiwe okwamanje:
2 IZikhronike 24: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.