2 IZikhronike 3

3
Ukuqala Kokwakhiwa Kwendlu KaSimakade
1 USolomoni waqala ukwakha indlu kaSimakade eJerusalema, entabeni iMoriya, lapho uSimakade abonakala khona kuyise uDavide, endaweni uDavide ayeyilungisile, esibuyeni sika-Orinani, umJebusi. 2Waqala ukwakha ngolwesibili lwenyanga yesibili, ngonyaka wesine wokubusa kwakhe.
3Nasi-ke isisekelo esabekwa nguSolomoni ukuba kwakhiwe indlu kaNkulunkulu: ubude ngokulinganisa ngamakhubhithi akuqala kwakungamakhubhithi angama-60, ububanzi bungamakhubhithi angama-20. 4 Ubude nobubanzi bomphemegumbi owawuphambi kwendlu babungamakhubhithi angama-20, ukuphakama kungamakhubhithi ayi-120; wawuhuqa ngaphakathi ngegolide elicwengekileyo. 5 Indlu enkulu wayigcaya ngaphakathi ngemisayiphuresi; wayicaka ngegolide elicolisekileyo, waqopha imifanekiso yamasundu namaketanga kulo. 6 Indlu wayihlobisa ngamatshe ayigugu nangegolide elalivela ePharivayimi. 7Wahuqa indlu, imishayo, imibundu, izindonga zayo, neminyango yayo ngegolide, waqopha amakherubhi ezindongeni.
8 Wakha indawo engcwelengcwele: ubude bayo bulingana nobubanzi bendlu, ingamakhubhithi angama-20, nobubanzi bungamakhubhithi angama-20. Wayicaka ngegolide elicolisekileyo elingamathalenta angama-600. 9 Isisindo sezipikili sasingamashekeli egolide angama-50.
10 Endlini engcwelengcwele wakha amakherubhi amabili aqoshiweyo, wawacaka ngegolide. 11Ubude bamaphiko amakherubhi babungamakhubhithi angama-20, iphiko ngalinye lingamakhubhithi ayisihlanu, lithinte odongeni lwendlu. Elinye iphiko elalingamakhubhithi ayisihlanu, lalithinte kwelinye iphiko lelinye ikherubhi. 12Iphiko lelinye ikherubhi elalingamakhubhithi ayisihlanu, lathinta odongeni lwendlu; elinye iphiko nalo elalingamakhubhithi ayisihlanu, lalithinte ephikweni lelinye ikherubhi. 13Amaphiko ala makherubhi ayeluleke ngamakhubhithi angama-20, emi ngezinyawo zawo, ubuso bawo bubheke endlini.
14 Wenza isihenqo ngokuluhlaza, ngokububende, ngokubomvu nangelineni elicolekileyo, wabeka amakherubhi kuso.
Ukumiswa Kwezinsika Ezimbili Zethusi
15 Ngaphambi kwendlu, wamisa izinsika ezimbili ezingamakhubhithi angama-30 ubude, kunesihloko esasiphezu kwaleyo naleyo nsika, esasingamakhubhithi ayisihlanu. 16Wenza amaketanga egumbini, wawabeka ezihlokweni zezinsika, wenza amahananadi ayikhulu wawabeka emaketangweni. 17 Wamisa izinsika phambi kwethempeli, enye ngakwesokunene nenye ngakwesokhohlo. Eyangakwesokunene wayiqamba igama wathi uJakhini, eyangakwesokhohlo wathi uBhowazi.

Okuqokiwe okwamanje:

2 IZikhronike 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume