UDavide wabona izinceku zakhe zihlebelana, waqonda ukuthi umntwana akasekho. Wathi ezincekwini zakhe: “Usefile yini umntwana na?” Zathi kuye: “Yebo, ufile.” UDavide wayesesukuma emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaSimakade wakhothama, wakhuleka. Wayeseya endlini yakhe wacela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla. Izinceku zakhe zathi kuye: “Yini le oyenzileyo ngenxa yomntwana na? Umntwana esaphila uzile ukudla, wakhala, lapho esefile, wasukuma wadla ukudla.” Wathi kuzo: “Ngesikhathi umntwana esaphila ngazila ukudla, ngakhala, ngicabanga ukuthi ngubani owaziyo hleze uSimakade abe nomusa kimi aphile umntwana. Manje usefile; ngisazozilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayukubuyela kimi.” UDavide wamduduza uBhathisheba, umkakhe; waya kuye, walala naye, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguSolomoni. USimakade wamthanda uSolomoni. Wathumela ngomphrofethi uNathani, wamqamba igama wathi nguJedidiya ngenxa kaSimakade.
Funda 2 USamuweli 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 USamuweli 12:19-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo