2 uSamuweli 12:19-25
2 uSamuweli 12:19-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide wabona izinceku zakhe zihlebelana, waqonda ukuthi umntwana akasekho. Wathi ezincekwini zakhe: “Usefile yini umntwana na?” Zathi kuye: “Yebo, ufile.” UDavide wayesesukuma emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaSimakade wakhothama, wakhuleka. Wayeseya endlini yakhe wacela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla. Izinceku zakhe zathi kuye: “Yini le oyenzileyo ngenxa yomntwana na? Umntwana esaphila uzile ukudla, wakhala, lapho esefile, wasukuma wadla ukudla.” Wathi kuzo: “Ngesikhathi umntwana esaphila ngazila ukudla, ngakhala, ngicabanga ukuthi ngubani owaziyo hleze uSimakade abe nomusa kimi aphile umntwana. Manje usefile; ngisazozilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayukubuyela kimi.” UDavide wamduduza uBhathisheba, umkakhe; waya kuye, walala naye, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguSolomoni. USimakade wamthanda uSolomoni. Wathumela ngomphrofethi uNathani, wamqamba igama wathi nguJedidiya ngenxa kaSimakade.
2 uSamuweli 12:19-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha uDavide ebona ukuthi izinceku zakhe ziyanyenyezelana, uDavide waqonda ukuthi umntwana ufile; uDavide wayesethi ezincekwini zakhe: “Usefile umntwana na?” Zathi: “Ufile.” UDavide wayesevuka emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaJehova, wakhuleka; wayeseya endlini yakhe; lapho esecela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla. Zase zithi izinceku zakhe kuye: “Yintoni le oyenzileyo na? Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esekhona, kepha lapho esefile, uvukile wadla.” Wathi-ke yena: “Umntwana esekhona ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na? Manje usefile; ngiyakuzilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayikubuyela kimi.” UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe, wangena kuye, walala naye; wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni. UJehova wamthanda. Wathuma ngesandla sikaNathani umprofethi, wambiza ngokuthi uJedidiya* ngenxa kaJehova.
2 uSamuweli 12:19-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa lapho uDavida ebona ukuthi izinceku zakhe ziyanyenyeza, uDavida wabona ukuthi umntwana ufile; uDavida wasesithi ezincekwini zakhe: Ufile umntwana yini? Bathi: “Ufile.” UDavide wayesesuka emhlabathini, wageza, wamgcoba, washintsha izingubo zakhe, wangena endlini kaJehova, wakhuleka; wacela, babeka isinkwa phambi kwakhe, wadla. Izinceku zakhe zathi kuye: “Kuyini lokhu okwenzileyo na?” Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esaphila; kodwa esefile umntwana, wavuka wadla isinkwa. Wathi: “Umntwana esaphila, ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: ‘Ngubani ongazi, uma uNkulunkulu eyakuba nomusa kimi, ukuze umntwana aphile? Kodwa manje usefile, kungani kufanele ngizile ukudla na? ngingambuyisa ngiye kuye, kepha yena akayi kubuyela kimi. UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe, wangena kuye, walala naye; wazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uSolomoni; uJehova wamthanda. Wathuma ngesandla somprofethi uNathani; waqamba igama layo ngokuthi uJedidiya ngenxa kaJehova.