2 USamuweli 22

22
Ihubo Lokubonga KukaDavide
1 UDavide washo amazwi aleli hubo kuSimakade, ngosuku uSimakade amsindisa ngalo esandleni sazo zonke izitha zakhe nasesandleni sikaSawule imbala, 2 wathi:
“USimakade uyidwala lami,
nenqaba yami,
nomkhululi wami.
3 UNkulunkulu uyidwala lami
engiphephela kulo,
isihlangu sami,
nophondo lwensindiso yami,
inqaba yami ephephileyo
nesiphephelo sami;
msindisi wami,
uyangisindisa ebudloveni.
4 Ngimemeza uSimakade
ofanele ukudunyiswa,
ngisindiswe ezitheni zami.
5 “Amagagasi okufa angihaqa;
izikhukhula zobubi zangisibekela.
6 Izintambo zendawo yabafileyo zangizungeza,
izihibe zokufa, zangehlela.
7 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uSimakade,
ngambiza uNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe.
Ukukhala kwami kwafinyelela ezindlebeni zakhe.
8 “Umhlaba wawusuzamazama,
wandindizela;
izisekelo zezulu zathuthumela,
zaqhaqhazela, ngokuba ethukuthele.
9 Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe,
nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe,
namalahle avuthayo kuye.
10 Wadabula amazulu, wehla;
isigayegaye sobumnyama sasiphansi kwezinyawo zakhe.
11 Wakhwela phezu kwekherubhi, wandiza;
wabonwa emaphikweni omoya.
12 Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo,
amanzi aqoqane,
amafu abe nzima yimvula.
13 Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe
kwavutha amalahle omlilo.
14 USimakade waduma ezulwini;
Ophezukonke walizwakalisa izwi lakhe.
15 Wathuma imicibisholo,
wabangquzula, yebo,
ngonyazi wabadidizelisa.
16 Kwembulwa izisekelo zolwandle,
nezisekelo zomhlaba zabonakaliswa
ngenxa yokuthetha kukaSimakade,
nokufutha kwamakhala akhe.
17 Waselula isandla sakhe ephezulu,
wangibamba;
wangikhipha emanzini amaningi.
18 Wangisindisa esitheni sami esinamandla
nakubo abangizondayo,
ngokuba babenamandla amakhulu kunami.
19 Bangihlasela ngosuku engehlelwa ngalo yinhlekelele,
kodwa uSimakade waba yinsika yami.
20 Wangikhiphela endaweni ebanzi:
wangikhulula,
ngokuba ethokoza ngami.
21 “USimakade ungivuzile ngokulunga kwami,
wangibuyisela njengobumsulwa bezandla zami.
22 Ngizigcinile izindlela zikaSimakade;
angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.
23 Imithetho yakhe yayiphambi kwami,
nezimiso zakhe angichezukanga kuzo.
24 Ngangimsulwa kuye;
ngazigcina, angenza okubi.
25 USimakade wangivuza ngangokulunga kwami,
nanjengokuhlanzeka kwami
phambi kwamehlo akhe.
26 “Kothembekileyo, uzibonakalisa ethembekile;
kumuntu oqotho, uziveza eqotho.
27 Kohlanzekileyo, uzibonakalisa ehlanzekile;
koyisigwegwe, azibonakalise enenkani.
28 Uyabasindisa abantu abathobekileyo,
kodwa amehlo akho
akulabo abaqhoshayo
ukuze ubathobise.
29 Wena Simakade uyisibani sami;
uSimakade uyabuguqula ubumnyama bami
bube ngukukhanya.
30 Ngawe ngingahlasela impi;
ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.
31 Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaSimakade lihlanzekile;
Yena uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.
32 “Ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaSimakade,
ngubani oyidwala
ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
33 UNkulunkulu uyangibhincisa amandla;
indlela yami uyenza iqonde.
34 Yena wenza izinyawo zami
zibe njengezendlunzelakazi,
angimise ezindaweni eziphakemeyo.
35 Ufundisa izandla zami ukulwa,
ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.
36 Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho;
ukungilalela kwakho, kungikhulise kakhulu.
37 Wandise izinyathelo zami,
ukuze amaqakala ami angaxegi.
38 “Ngazixosha izitha zami, ngazibhubhisa;
angibuyanga ngingakaziqedi nya.
39 Ngaziqeda, ngaziphahlaza,
zaze zehluleka ukuvuka;
zawa phansi kwezinyawo zami.
40 Wangibhincisa amandla okulwa;
ababengivukele wabathobisa phansi kwami.
41 Wangifulathelisela izitha zami,
nabangizondayo ngabaqothula.
42 Bakhala, kepha akubanga bikho obasindisayo,
bakhala nakuSimakade,
kodwa akabaphendulanga.
43 Ngabashaya ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi;
ngabadovadova njengodaka emgwaqweni.
44 “Wangikhulula ekulweni kwabantu;
wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe;
abantu engingabaziyo bayakungikhonza.
45 Abafokazi bazithoba phansi kwami;
banele bezwa nje ngami, bangihlonipha.
46 Abafokazi badangala,
baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.
47 “USimakade uyaphila malidunyiswe idwala lami.
Makaphakanyiswe uNkulunkulu,
idwala lensindiso yami.
48 UNkulunkulu onginika impindiselo,
othobise izizwe phansi kwami.
49 Ungikhiphe ezitheni zami,
wangiphakamisela phezu kwabangivukelayo,
wangihlenga kumuntu oyisidlova.
50 Ngakho-ke ngizokubonga Simakade
phakathi kwabezizwe,
ngilihubele igama lakho.
51 Uyenza insindiso ibe nkulu kakhulu enkosini;
umenzele umusa uDavide,
ogcotshiweyo wakho,
nabozalo lwakhe,
kuze kube phakade.”

Okuqokiwe okwamanje:

2 USamuweli 22: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume