2 KwabaseThesalonikha 1
1
Isibingelelo
1 UPawula, uSilvanu, noThimothewu kulo ibandla laseThesalonikha elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Khristu: 2 makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
UPawula Ubonga Ukusabalala Kwevangeli Ebandleni
3 Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba ukukholwa kwenu kuyanda kakhulu, kanjalo futhi luyanda nothando lwenu nonke enithandana ngalo omunye nomunye. 4 Thina uqobo sizincoma ngani emabandleni kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela kwenu nokukholwa, nibekezela kukho konke ukuzingelwa kwenu, nokuhlushwa kwenu. 5 Lokho kungubufakazi obucacileyo bokwehlulela kukaNkulunkulu okulungileyo, ukuze kuthiwe ningabawulungeleyo umbuso kaNkulunkulu enihlupheka ngenxa yawo. 6 Uma kuyinto elungile kuNkulunkulu uyakukubuyisela ukuhlupheka kulabo abanihluphayo, 7 bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo, 8 iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu. 9 Laba-ke bazakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade, basuswe ebukhoneni beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe, 10 lapho ifika ukuba ikhazimuliswe kubo abangcwele bayo, idunyiswe ngalolo lusuku yibo bonke abakholwayo, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.
11 Ngenxa yalokho, siyanikhulekela njalo, ukuze uNkulunkulu wethu anenze nifanele ukubizwa kwenu, akuphelelise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa, 12 ukuze igama leNkosi yethu uJesu likhazimuliswe kini, nani kuye, ngokomusa kaNkulunkulu wethu noweNkosi uJesu Khristu.
Okuqokiwe okwamanje:
2 KwabaseThesalonikha 1: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.