2 KwabaseThesalonikha 3

3
Ukukhulekelana Kwabazalwane Nabaphostoli
1 Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi lisabalale ngokushesha, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini. 2 Sikhulekeleni nokuba sikhululwe kubantu abonakeleyo nababi, ngokuba akusibo bonke abakholwayo. 3 Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi. 4 Sinesibindi eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakukwenza, nokuthi nizakuqhubeka nikwenze. 5 Sengathi iNkosi ingaziqondisa izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKhristu.
6 Kepha bazalwane, siyaniyala egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ukuba nibagweme abazalwane abangamavila, abangawulandeli umyalo enawemukela kithi. 7 Ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi kubaluleke kanjani ukuba nisilingise, ngokuba asizange sibe ngabavilaphayo lapho sinani. 8 Asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sazikhandla, sisebenza kanzima ubusuku nemini, ukuba singabi mthwalo kumuntu, 9 hhayi ngoba sasingenalo ilungelo lalokho, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini sokuba nani nisilingise. 10 Ngokuba nangesikhathi sisenani, saniyala ngalokhu, sathi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”
11 Ngokuba siyezwa ukuthi abanye benu bangamavila, behla benyuka bengenzi nolunci, kodwa bezigaxa ezindabeni zabanye. 12 Kulabo abanjalo, siyabayala, futhi siyabakhuthaza eNkosini uJesu Khristu ukuba basebenze ngokuthula, badle esabo isinkwa. 13 Kepha nina bazalwane, ningadinwa ngukwenza okuhle.
14 Kepha uma kukhona ongalilaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni, 15 kodwa ningamthathi njengesitha, kepha melulekeni njengomzalwane.
16 Sengathi iNkosi yokuthula uqobo inganipha ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
Isiphetho
17 Lo mkhonzo ngiwubhale ngesandla sami, mina Pawula, okuwuphawu kuzo zonke izincwadi engizibhalayo.
18 Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nani nonke.

Okuqokiwe okwamanje:

2 KwabaseThesalonikha 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume