IZenzo 27

27
UPawula Eyisiboshwa Uhamba Ngomkhumbi Eya ERoma
1 Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Ithaliya ngomkhumbi, banikela uPawula nezinye iziboshwa ezithile esandleni senduna yekhulu, igama layo nguJuliyase, eyebutho likaKhesari. 2 Sangena emkhunjini wase-Adramathiyu owawusazosuka ugudle ugu e-Asiya, u-Aristarkhu umMakhedoniya waseThesalonikha wayekanye nathi.
3 Ngakusasa safika echwebeni eSidoni, uJuliyase wamphatha kahle uPawula, wamvumela ukuba aye kubangani bakhe, anakekelwe kahle. 4Sasuka lapho, sagudla ngezansi kweKhuphro, ngokuba umoya wawuphikisana nathi. 5Sesidabule olwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya, safika eMira laseLikhiya. 6Lapho-ke induna yathola umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Ithaliya, yasigibelisa kuwo. 7Sahamba kancane ngenxa yomoya, kwasithatha isinsuku eziningi saze safika kanzima ngaseKhinidu, kwazise umoya wawusivimbile, sagudla iKhrethe maqondana neSalimone, 8saligudla kunzima, saze safika endaweni ethile okuthiwa iMatheku Mahle, eduze nayo kukhona umuzi iLaseya.
9Kwathi sekwedlule isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, kwazise isikhathi sokuzila sase sedlule; uPawula wabeluleka, 10 wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzokuba nobunzima nokulahlekelwa okukhulu, hhayi impahla nje nomkhumbi kuphela, kodwa nempilo yethu.”
11Induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawula. 12Kepha itheku lakhona lalingakulungele ukuba kuhlalwe kulo ebusika, iningi labo laphakamisa ukuba kusukwe lapho, hleze kwenzeke bafike eFenikisi, itheku eKhrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu, nasentshonalanga ngasenyakatho bahlale khona kuze kwedlule ubusika.
Ukusuka Kwesivunguvungu I-Ewurakhiloni
13Kuthe lapho iningizimu isiheleza kahle, bacabanga ukuthi inhloso yabo isifezekile, base bekhuphula ihange, bagudla iKhrethe. 14Kungakabi yisikhathi esingakanani, kwasuka isivunguvungu okuthiwa i-Ewurakhiloni, 15sazithola sesiphakathi kwaso, kwathi ngenxa yokuthi umkhumbi wawungasalawuleki ngoba ubhekene nomoya, sawudedela wadudulwa ngumoya. 16Kwathi sisagudla ngezansi kwesiqhingana okuthiwa iKhawuda, sakwazi ukubamba isikebhe somkhumbi kunzima. 17Sebesikhuphulile bafaka okokuweseka ngaphansi, kwathi ngoba babesaba ukuthi umkhumbi ungase ushayeke esihlabathini esisogwini eSirti, kwehliswa iseyili, umkhumbi wadudulwa ngumoya. 18Sasilokhu sishukunyiswa kanzima yisivunguvungu saze ngosuku olulandelayo saphonsa ngaphandle umthwalo; 19kwathi ngolwesithathu balahla izimpahla zomkhumbi ngezandla zabo. 20Kwaphela izinsuku eziningi ilanga nezinkanyezi kungasabonakali.
21Kwase kuyisikhathi eside bengadli lutho, uPawula wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, anasuka eKhrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kulahlekelwa. 22Manje ngiyaneluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuzukufa namunye phakathi kwenu, kodwa umkhumbi kuphela. 23 Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo, 24yathi: ‘Ungesabi, Pawula, kumele ukuba ume phambi kukaKhesari. UNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe kulo mkhumbi.’
25“Ngakho-ke yimani isibindi, madoda, ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengokuba ekhulumile kimi. 26Kepha kufanele ukuba siphumele esiqhingini esithile.”
Ukuphahlazeka Komkhumbi
27Kwathi ebusuku, phakathi kwamabili, ngolwe-14 silokhu sintanta olwandle e-Adriya, ababesemkhunjini bacabanga ukuthi sebesondela ezweni thizeni, 28base bephonsa intambo yokukala, bathola ukuthi ngamafathome angama-20. Baphinda baqhubeka kancane, bayiphonsa futhi, base bethola ukuthi sekungamafathome ali-15. 29Besaba ukuthi hleze singase sishayeke ezindaweni ezinamadwala, base bephonsa amahange amane ngemuva, bafisa sengathi ngabe sekusile. 30Ababegibele emkhunjini base befuna ukubaleka kuwo, behlisela isikebhe olwandle, kwaba sengathi bazakuphonsa amahange enhlokweni yomkhumbi, 31uPawula wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, anisoze nasinda nina.”
32Amabutho anquma amagoda esikebheni, asidedela sawa.
33Kwathi sekuzokusa, uPawula wabancenga bonke ukuba badle. Wathi: “Namuhla wusuku lwe-14 nilindile, nilokhu nizilile, ningadli lutho. 34Ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kuzakuba ngukusinda kwenu, akuyukulahleka nwele ekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.”
35 Esekushilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla. 36Bonke base bema isibindi, nabo badla. 37Sesisonke emkhunjini sasingama-276. 38Kwathi lapho sebesuthi, bawulahla olwandle ukolo ukuze umkhumbi ungasindwa.
39Kuthe sekusile, abaze balazi izwe, kepha babona itheku elithile elinesihlabathi, abanquma ukuba baqhubele kulo umkhumbi, uma kungenzeka. 40Banquma amahange, bawashiya olwandle; bathukulula izintambo zamaphini okuqondisa umkhumbi; indwangu engaphambili bayiphakamisela emoyeni, base beqonda ogwini. 41Kepha bafika endaweni enolwandle nxazombili, umkhumbi waphahlazeka. Inhloko yawo yagxumekeka, yema, ayaze yanyakaza, kodwa ingemuva lephulwa ngamandla amaza.
42Amabutho ayehlose ukuzibulala iziboshwa, ukuze kungabi bikho nasinye esihlambayo siphunyuke, 43kodwa induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawula yawavimba enhlosweni yawo. Yayaleza ukuba labo abakwaziyo ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, baze bafike emhlabathini. 44Ababesele balandele, abanye ngamapulangwe, abanye ngezinye izinto zomkhumbi. Kwenzeka kanjalo-ke ukuthi bonke baphumele emhlabathini bephephile.

Okuqokiwe okwamanje:

IZenzo 27: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume