U-Amose 1

1
Iziphrofetho Ngokwehlulelwa Kwezizwe
1Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba. 2Wathi:
“USimakade uyabhonga eZiyoni,
azwakalise izwi lakhe eJerusalema.
Amadlelo abelusi ayagagadeka,
nesicongo seKharmeli siyabuna.”
Ukujeziswa Kwezizwe
U-Amo. 1:3 – 2:16
AbaseDamaseku
3Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseDamaseku,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba babhula iGiliyadi ngezinsingo zensimbi.
4Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo
endlini kaHazayeli,
uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.
5Ngiyakwaphula imigoqo yamasango eDamaseku,
ngibhubhise izakhamuzi zasesigodini i-Aveni,
nophethe intonga yobukhosi eBhethi Edeni.
Abantu base-Aramu bayakuthunjelwa eKhiri,” kusho uSimakade.
AbaseGaza
6Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo
ukuba babakhaphele ku-Edomi.
7Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eGaza,
uyakungqongqisa izinqaba zalo.
8Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi,
nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni.
Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni,
insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.
AbaseThire
9Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo
babakhaphela ku-Edomi,
bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.
10Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eThire,
uyakungqongqisa izinqaba zalo.”
Abakwa-Edomi
11Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba,
walahla isihe sakhe,
wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo,
waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.
12Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani,
uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”
Abakwa-Amoni
13Usho kanje uSimakade uthi:
“Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni,
impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka,
ngokuba baqaqe abesifazane
abakhulelweyo bakwaGiliyadi
ukuze bandise imingcele yabo.
14Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha,
uyakungqongqisa izinqaba zalo,
kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi,
nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.
15Inkosi yabo iyakuthunjwa,
yona kanye nezikhulu zayo,” kusho uSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Amose 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume