IDutheronomi 14

14
Izilwane Ezihlambulukileyo Nezingcolileyo
1 “Ningabantu bakaSimakade uNkulunkulu wenu; aniyukuzisika, aniyukuwaphuca amashiya enu ngenxa yofileyo. 2 Ngokuba ningabantu abangcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.
3“Ungayidli noma yini enengekayo. 4 Nazi izilwane eniyakuzidla: inkomo, imvu, imbuzi, 5indluzele, insephe, inyala, impala, impalampala, iwula, negogo. 6Niyakuzidla zonke izilwane ezinezinselo ezihlukene, ezinezinselo ezihlukene kabili, nezetshisayo phakathi kwezilwane. 7Kepha lezi aniyukuzidla kulezo ezetshisayo nezehlukene izinselo: ikamela, unogwaja, nembila, ngokuba ziyetshisa, azehlukene izinselo; zingcolile kini, 8nengulube, nakuba yehlukene izinselo, kodwa ayetshisi; ingcolile kini; aniyukuyidla inyama yazo, aniyukuzithinta izidumbu zazo.
9“Kuzo zonke ezisemanzini, nazi eniyozidla: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe. 10Kepha zonke ezingenawo amaphiko nezingcwecwe aniyukuzidla; zingcolile kini.
11“Niyodla zonke izinyoni ezihlambulukileyo. 12Kodwa yilezi eningayukuzidla: ukhozi, inqe, ingqungqulu, 13isiphungumangathi, uheshe, unhloyile ngezinhlobo zakhe, 14amagwababa wonke ngezinhlobo zawo, 15intshe, inkovana, inkanku, uklebe ngezinhlobo zakhe, 16isikhova, umxwagele, ifukezi, 17ivuba, uphalane, umphishamanzi, 18unogolantethe, unozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, uziningweni, nelulwane.
19“Zonke izilwanyana ezinamaphiko zingcolile kini: aniyukuzidla. 20Kepha zonke ezinamaphiko ezihlambulukileyo niyozidla.
21 “Aniyukuyidla ingcuba; aniyukumnika umfokazi osemzini wenu ukuba ayidle, noma nithengise ngayo kowezizwe, ngokuba nina niyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Aniyukupheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”
Okweshumi
22“Uyonikela okweshumi kwezithelo zonke zembewu yakho, ezivela ensimini unyaka nonyaka. 23 Uyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, nokwezimvu zakho, ukuze ufunde ukumesaba njalo uSimakade uNkulunkulu wakho. 24 Uma indlela iyinde kakhulu kuwe ukuba ungakwazi ukukuthwala, nendawo lapho uSimakade uNkulunkulu wakho akhethe ukubeka kuyo igama lakhe ikude kakhulu kuwe, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisa, 25uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha. 26 Uyothenga ngaleyo mali noma yini inhliziyo yakho eyithandayo: izinkabi, izimvu, iwayini, uphuzo olunamandla, noma yini efunwa yinhliziyo yakho, uyodla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthokoze, wena nabendlu yakho; 27 nomLevi ophakathi kwamasango akho awuyukumlahla, ngokuba akanasabelo nafa nawe.
28 “Ngasekupheleni kweminyaka emithathu uyokhipha njalo konke okweshumi kwezithelo zakho ngalowo nyaka, nikugcine emizini yenu; 29 nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, umfokazi, intandane, nomfelokazi, abasemizini yenu. Bayoza, badle, basuthe ukuze uSimakade uNkulunkulu wenu anibusise emsebenzini wonke wesandla senu eniwenzayo.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 14: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume