IDutheronomi 5

5
Isivumelwano SaseHorebhe
1UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezehlulelo engizisho ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde bese uqikelela ukuzenza. 2 USimakade uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebhe. 3 USimakade akasenzanga lesi sivumelwano nobaba, wasenza nathi, thina sonke esilapha, esisaphila namuhla. 4 USimakade wakhuluma nani ubuso nobuso entabeni, esemlilweni. 5 Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaSimakade nani ukuze nginazise izwi likaSimakade, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni. Wathi:
Imiyalelo Elishumi
6 “ ‘NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.
7 “ ‘Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.
8 “ ‘Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo zomfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nokusemanzini phansi komhlaba. 9 Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngijezisela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo, 10kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.
11 “ ‘Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.
12 “ ‘Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile. 13Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uwenze wonke umsebenzi wakho, 14kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nayo yonke imfuyo yakho, nomfokazi ophakathi kwamasango akho, ukuze inceku yakho nencekukazi yakho baphumule njengawe. 15Khumbula ukuthi nawe wawuyisigqila eGibhithe, nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; yingakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.
16 “ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
17 “ ‘Ungabulali.
18 “ ‘Ungaphingi.
19 “ ‘Ungebi.
20 “ ‘Ungafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho.
21 “ ‘Ungamfisi umfazi womakhelwane wakho; ungayifisi indlu yomakhelwane wakho, insimu yakhe, inceku yakhe, incekukazi yakhe, inkabi yakhe, imbongolo yakhe, nokunye kukamakhelwane wakho.’
22 “Yilawo amazwi uSimakade awakhuluma enhlanganweni yenu yonke entabeni, ephakathi komlilo, nefu, nesigayegaye sobumnyama, nangezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.
23“Kwathi lapho nilizwa izwi elivela phakathi kobumnyama, intaba ivutha umlilo, nasondela kimi, zonke izinhloko zezizwana zenu namalunga enu, 24 nathi: ‘Bheka, uSimakade uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo. Namuhla sibonile ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile. 25 Pho siyakufelani na? Leli kloba liyakusiqeda. Uma sibuye salizwa izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu, siyokufa, 26 ngokuba ngubani kubantu owake wezwa izwi likaNkulunkulu ophilayo njengathi, likhuluma livela emlilweni, waphila, na? 27 Sondela wena, uzwe konke lokho uSimakade uNkulunkulu wethu azokukhuluma, bese wena ukhuluma nathi, usitshele wonke amazwi uSimakade uNkulunkulu wethu azowasho kuwe, siyokulalela, siwenze.’
28 “USimakade wawezwa amazwi enawakhuluma kimi; uSimakade wayesethi kimi: ‘Ngiwezwile amazwi alaba bantu, abawakhulume kuwe; basho kahle konke abakukhulumile. 29 Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.
30“ ‘Hamba, usho kubo uthi: “Buyelani emathendeni enu.”
31 “ ‘Kepha wena, yima lapha nami ukuze ngiyikhulume kuwe yonke imiyalo, izimiso, nezehlulelo oyakubafundisa khona konke ukuba bakwenze ezweni engibanika lona, ukuba balidle.’
32 “Niyoqaphela ukuba nenze njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. 33 Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume