Kwabase-Efesu 4:20-24

Kwabase-Efesu 4:20-24 ZUL20

Kepha nina animfundanga uKhristu kanjalo, uma nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu, ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo, nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu, nokuba nembathe umuntu omusha odalwe ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.