I-Eksodusi 31

31
Abakhi Bethende Lokuhlangana Nokukulo
1 USimakade wakhuluma kuMose wathi: 2 “Bheka, ngimbize ngegama uBhezaleli indodana ka-Uri, ka-Huri wesizwe sakwaJuda, 3futhi ngimgcwalise ngoMoya kaNkulunkulu, ngamandla okwazi, ngokuhlakanipha nangokwazi lonke uhlobo lomsebenzi wezandla, 4ukuze asebenze ngobungcweti ngegolide, ngesiliva, nangethusi, 5abaze amatshe ezisekelo, abaze ukhuni, enze nayo yonke imisebenzi yezandla enhlobonhlobo. 6Ngaphezu kwalokho, ngimkhethile yena no-Oholiyabe, indodana ka-Ahisamakhi wesizwe sakwaDani, futhi ngibanike ubuchwepheshe bonke abanamakhono, ukuze benze konke engikuyale ukuba ukwenze: 7 ithende lokuhlangana, umphongolo wesivumelwano, isihlalo somusa esiphezu kwawo, nayo yonke impahla yethende, 8itafula nayo yonke impahla yalo, uthi lwezibani olwenziwe ngegolide elicwengekileyo nazo zonke izinto zalo, ne-althare lokushisela impepho, 9i-althare lokushisela umnikelo nezitsha zalo, umcengezi nesinqe sawo, 10izingubo ezenziwe kahle, izingubo zomphristi u-Aroni, nezamadodana akhe, zokuba bakhonze bengabaphristi, 11amafutha okugcoba, nempepho enuka kahle yendawo engcwele. Bayokwenza konke lokhu njengalokhu ngikuyalile.”
Umthetho Wesabatha
12USimakade wathi kuMose: 13 “Wena uqobo khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyakugcina amasabatha ami, ngokuba awuphawu phakathi kwami nani, naphakathi kwezizukulwane zenu, ukuba nazi ukuthi nginguSimakade oningcwelisayo. 14 Niyogcina isabatha ngokuba lingcwele kini. Yilowo nalowo olingcolisayo uyobulawa, nalowo owenza umsebenzi ngalo uyonqunywa phakathi kwabantu. 15 Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade. Yilowo nalowo owenza umsebenzi ngosuku lwesabatha uyobulawa. 16Ngakho-ke abantu bakwa-Israyeli bayoligcina isabatha, bayoligcina izizukulwane ngezizukulwane njengesivumelwano saphakade. 17 Liwuphawu lwaphakade phakathi kwami nabantu bakwa-Israyeli, lokuthi uSimakade wadala izulu nomhlaba ngezinsuku eziyisithupha, kwathi ngosuku lwesikhombisa waphumula, wahlumeleleka.’ ”
18USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 31: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume