44
Isango Elingasempumalanga
1Wayesengibuyisa ngendlela yesango lendlu engcwele, elingaphandle, elibheke ngasempumalanga. 2USimakade wathi kimi: “Leli sango liyakuvalwa, lingavulwa, kungangeni muntu ngalo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ungene ngalo, yingakho-ke liyakuhlala livaliwe. 3Kepha isikhulu yisikhulu, sona siyakuhlala kulo, sidle phambi kukaSimakade, singene ngendlela yompheme wesango, futhi siphume ngendlela yawo.”
Izimiso Zendlu KaSimakade
4Wayesengiyisa phambi kwendlu ngendlela yesango esenyakatho. Ngabuka; bheka, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu yakhe; ngase ngiwa ngithi mbo ngobuso.
5USimakade wathi kimi: “Ndodana yomuntu, qaphelisisa, uzibonele ngawakho amehlo, uzizwele ngezakho izindlebe konke engikukhuluma kuwe maqondana nazo zonke izimiso zendlu kaSimakade, nangayo yonke imithetho yayo; uyiqaphelisise indawo yokungena yendlu, nazo zonke izindawo zokuphuma zendlu engcwele. 6Uyakusho endlini ehlubukayo yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, nina ndlu yakwa-Israyeli, sezanele izinengiso zenu! 7Ngokuba ningenise abezizwe abangasokile enhliziyweni nasenyameni, ukuba bangene endlini yami engcwele, bayingcolisa indlu yami; lapho ninikela kimi ngesinkwa, ngamanoni nangegazi; nasephula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu. 8Aniyigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kodwa nizibekele abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.”
9Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Endlini yami engcwele akayukungena owezizwe ongasokile enhliziyweni nongasokile enyameni, kubo bonke abezizwe abahlala nabantu bakwa-Israyeli.
AbaLevi Bayakuba Ngabagcini Benkonzo
10“ ‘ “Kepha abaLevi baqhelela kude nami ngesikhathi u-Israyeli eduka, ephambuka, elandela izithombe zabo, nabo bayakubuthwala ububi babo. 11Bayakuba yizikhonzi endlini yami engcwele, babengababonisi emasangweni endlu, bakhonze endlini, bahlabe imihlatshelo yokushiswa nabayihlabela abantu, bame phambi kwabo ukuba basize abantu. 12Ngokuba babebasebenzela phambi kwezithombe zabo, baba yisikhubekiso ngobubi babo kuyo indlu yakwa-Israyeli; ngakho-ke ngiphakamise isandla sami ngamelana nabo, ukuba bakuthwale ukona kwabo,” ’ kusho iNkosi uSimakade.
13“ ‘Abasayukusondela kimi ukuba bangikhonze bengabaphristi, futhi abayukusondela ezintweni zami ezingcwele, izinto ezingcwelengwele, kodwa bayakulithwala ihlazo labo nezinengiso zabo abazenzileyo. 14Nokho, ngiyakubenza babe ngabagcini benkonzo yendlu, kuwo wonke umsebenzini wayo, nakukho konke okuyakwenziwa kuyo.
15“ ‘Kepha abaphristi babaLevi, amadodana kaZadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele ngesikhathi abakwa-Israyeli bephambuka kimi, yibona abayakusondela kimi, bangikhonze, bame phambi kwami, banikele ngamanoni nangegazi, kusho iNkosi uSimakade. 16Bayakungena endlini yami engcwele, basondele etafuleni lami ukuba bangikhonze, futhi bayigcine inkonzo yami.
17“ ‘Kuyothi lapho bengena emasangweni egceke elingaphakathi, bembathiswe izembatho zelineni, bangembathi sembatho esenziwe ngensonto ngesikhathi bekhonza emasangweni egceke elingaphakathi nasendlini. 18Bayakuthwala izigqoko zelineni emakhanda abo, ngaphansi bagqoke izimpahla zelineni, bangakubhinci okhalo lwabo okujulukisayo. 19Kuyothi lapho bephumela egcekeni elingaphandle, okuyigceke labantu, bazikhumule izembatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bagqoke ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezembatho zabo.
20“ ‘Abayukuphuca emakhanda abo, bangabi nazihluthu, kepha bagunde emakhanda abo. 21Akukho noyedwa kulabo baphristi oyakuphuza iwayini ngesikhathi bengena egcekeni elingaphakathi. 22Abayukumthatha umfelokazi nolahliweyo babe ngabafazi babo, kodwa bayakuthatha izintombi ozalweni lwendlu yakwa-Israyeli, noma umfelokazi obegane umphristi. 23Bayakubafundisa abantu bami ukwehlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umehluko phakathi kokungcolileyo nokuhlanzekileyo.
24“ ‘Kuyakuthi uma kunombango, basukume ukuba behlulele. Bayakwehlulela ngokwezehlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, futhi balingcwelise isabatha lami.
25“ ‘Abayukusithinta isidumbu, funa bazigcolise, kodwa bangazingcolisa ngokuthinta esikayise, esikanina, esendodana, esendodakazi, esomfowabo, nesikadadewabo ongenandoda. 26Nxa esehlambulukile, uyakubalelwa izinsuku eziyisikhombisa. 27Ngosuku angena ngalo endlini engcwele, egcekeni elingaphakathi, ukuyokhonza kuyo, uyakunikela ngomnikelo wakhe wesono,’ ” kusho iNkosi uSimakade.
28“ ‘Bayakuba nefa; Mina ngiyifa labo; aniyukubanika imfuyo kwa-Israyeli; Mina ngiyimfuyo yabo. 29Bayakudla umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wesono, nomnikelo wecala, konke lokho okwehlukanisiweyo kwa-Israyeli kuyakuba ngokwabo. 30Lonke ulibo lokuqala lwakho lwekhethelo, konke nayo yonke iminikelo yakho, konke eminikelweni yenu yonke, kuyakuba ngokwabaphristi, nimnike umphristi ulibo lwenhlama yenu, ukuze isibusiso sihlale endlini yakho. 31Abaphristi abayukuyidla inyoni noma isilwane esizifeleyo noma esidweshuliweyo.’ ”