45
Ingxenye Yezwe Ekhethekile Inikelwa KuSimakade
1“ ‘Kuyothi lapho izwe senilehlukanisa ngonkatho ukuba libe yifa, bese ninikela kuSimakade ingxenye yalo ekhethekileyo, ubude balelo lizwe kube ngamakhubhithi ayizi-25 000; ububanzi bube ngamakhubhithi ayizi-10 000; liyakuba yindawo engcwele, kuyo yonke imingcele yalo nxazonke. 2Ingxenye yalo iyakuba yindawo engcwele engamakhubhithi angama-500 nxazonke, nendawo eyisikwele eyizungezile engenalutho engamakhubhithi angama-50. 3Kulesi siqinti esikhethekileyo uyakukala indawo engamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, nayizi-10 000 ububanzi, ibe yindawo engcwele, nendawo engcwelengcwele. 4Iyakuba yisiqinti esingcwele ezweni, ibe ngeyabaphristi, abakhonza endaweni engcwele, labo abasondela kuSimakade ukuba bamkhonze. Iyakuba yindawo yabo yokuhlala, ibuye ibe yindawo engcwele. 5Esinye isiqinti sendawo esingamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, nayizi-10 000 ububanzi, siyakuba yindawo yabaLevi abakhonza ethempelini, sibe yindawo enemizi abahlala kuyo.
6“ ‘Maqondana nesiqinti esehlukaniselwe ukuba yindawo engcwele, kuyakuthi umuzi osondele kuso ube ngoka-Israyeli wonkana, ububanzi buyakuba yizi-5 000, ubude bube yizi-25 000.
7“ ‘Umhlaba wesikhulu uyakusiphahla isiqinti esingcwele nefa lomuzi, ube phambi kwefa lomuzi naphambi komnikelo; ube ngasohlangothini olusentshonalanga kubheke entshonalanga, nangasohlangothini olusempumalanga kubheke empumalanga, ubude baso bulingane nesinye sezabelo zezizwe, kusukela emngceleni entshonalanga kuze kube semngceleni empumalanga. 8Lesi siqinti sendawo siyakuba yifa laso ezweni lakwa-Israyeli, izikhulu zami azisayukubacindezela abantu bami, kodwa indlu yakwa-Israyeli ziyakuyinika ngangomumo wezizwe zayo.
9“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Sekwanele we zikhulu, zikhulu zakwa-Israyeli! Yekani ukucindezela abantu ngobudlova; nehlulele ngobulungiswa nobuqotho, nikuyeke ukuxosha abantu bami,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
10“ ‘ “Niyakusebenzisa izilinganiso ezifaneleyo, isilinganiso esifaneleyo se-efa nesifaneleyo sebhathi. 11I-efa nebhathi kuyakuba nesisindo esifanayo, ibhathi libe ngokweshumi kwehomere, isilinganiso salo sifane nokwehomere. 12Ishekeli liyakuba ngamagera angama-20; amashekeli angama-20, angama-25, nali-15 ayakuba ngumina kinina.
13“ ‘ “Nanku umnikelo eniyakuwunikela: ingxenye yokwesithupha ye-efa lehomere likakolo, nengxenye yokwesithupha ye-efa lehomere lebhali, 14isilinganiso samafutha esinqunyiweyo, ibhathi lamafutha: ingxenye yokweshumi yebhathi lekhori elingamabhathi alishumi njengehomere, ngokuba amabhathi alishumi ayihomere. 15Kuyakuthathwa newundlu elilodwa ezimvini ezingama-200 ezivela emadlelweni anamanzi kwa-Israyeli, kube nomnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wokushiswa nomnikelo wokuthula, ukuba benzelwe ukubuyisana,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
16“ ‘Bonke abantu bakulelo lizwe bayakuzibandakanya kulo mnikelo wesikhulu sakwa-Israyeli. 17Kuyakuba ngumsebenzi wesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, iminikelo yokusanhlamvu, iminikelo yokuphuzwayo emikhosini, ekwethwaseni kwenyanga nangamasabatha, emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli. Isikhulu siyakuletha umnikelo wesono, umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba kwenzelwe indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.
18“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ngenyanga yokuqala, ngosuku lwayo lokuqala, uyakuthatha inkunzi neduna elingenasici, bese uhlambulula indlu engcwele. 19Umphristi uyakuthatha egazini lomnikelo wesono, alibhece ezinsikeni zendlu, emagumbini omane onqenqema lwe-althare nasezinsikeni zesango legceke elingaphakathi. 20Uyakwenza kanjalo ngosuku lwesikhombisa enyangeni, ngenxa yanoma ngumuphi umuntu ophambukayo nongenalwazi, nenzele indlu ukubuyisana.
21“ ‘Ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14 enyangeni, niyakuba nephasika; umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa, kudliwe isinkwa esingenamvubelo. 22Ngalolo lusuku isikhulu siyakuzilungisela sona nabantu bonke bakulelo lizwe, inkunzi ibe ngumnikelo wesono. 23Ngezinsuku eziyisikhombisa zomkhosi siyakunikela kuSimakade umnikelo wokushiswa, izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa ezingenasici, ngalezo zinsuku eziyisikhombisa; sinikele ngempongo usuku nosuku, ibe ngumnikelo wesono. 24Siyakunikela ngokusanhlamvu; nge-efa, kube ngokweduna ngalinye, ne-efa ngenqama ngayinye, nehini lamafutha nge-efa elilodwa.
25“ ‘Kuyakuthi ngenyanga yesikhombisa, ngosuku lwe-15 enyangeni yomkhosi, isikhulu siyakunikela njengoba senzile ngezinsuku eziyisikhombisa, kube ngumnikelo wesono, umnikelo wokushiswa, umnikelo wokusanhlamvu, namafutha.’ ”